USirakhi 5
Ungaziphakamisi
1Ungethembeli engcebeni yakho futhi ungasho ukuthi: “Kangiswele lutho.”
2“Ungalandeli izifiso uqhoshe ngamandla akho, futhi ungafuqwa yizinkanuko zenhliziyo yakho.”
3Ungasho ukuthi: “Anginakubuswa muntu,” ngokuba ngiyaqinisa ngithi: iNkosi iyakukujezisa.
4Futhi ungasho ukuthi: “Ngona, kodwa kaze ngehlelwe lutho,” ngokuba iNkosi iyakubekezelela.
5Ungagabisi ngokuthi wothi ungaxolelwa bese unqwabela isono phezu kwesono. 6Ungasho ukuthi: “Sikhulu isihawu sakhe, uyongixolela izono zami noma ziningi kangakanani.”
Ngokuba singesakhe isihawu, nentukuthelo, nolaka lwakhe luhlala phezu kwabonayo. 7Phendukela eNkosini ungalibali, ungayeki ukwenza umsebenzi wosuku nosuku ngokuba ulaka lukaNkulunkulu lunokufika ngokuzuma, funa ungaphephi ngesikhathi sempindiselo. 8Ungabeki inhliziyo yakho enzuzweni engalungile, ngoba ayiyikukusiza ngosuku lwesigayegaye.
Ukuba Neqiniso Nokuzithiba
9Ungahungulwa yiyo yonke imimoya noma ulandele zonke izindlela. 10Qina kokwaziyo, ungaguquki kokushoyo. 11Shesha ukuzwa, uphendule ngesineke. 12Phendula uma uyazi impendulo, kodwa uma ungayazi uhlabe inhlali. 13Ngokukhuluma kuvela udumo kanti futhi ngakho kuvela ukudunyazwa, ukukhuluma komuntu kungaba ngukuwa kwakhe. 14Ungabi negama lokuba yinhlebi nomcuphi ngolimi lwakho, ngoba njengoba isela lihlalelwe ukudunyazwa, unjalo nomuntu olimi lwakhe lumbaxambili. 15Ungabi ngongenalwazi ngezinto ezincane noma ezinkulu.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.