Ukuhlakanipha Kwamvikela U-Adamu
1Ukuhlakanipha kwavikela uyise wokuqala owadalwa emhlabeni, lapho kusenguye kuphela odaliweyo; kwamvikela eziphambekweni zakhe zonke, 2kwamnika amandla okuba abuse konke.
UKhayini Wakulahla Ukuhlakanipha
3Kepha lapho ongalungile eshiya ukuhlakanipha ngenxa yokuthukuthela, wabhubha ngoba olakeni lwakhe wabulala umfowabo.
Ukuhlakanipha Kwamvikela UNowa
4Lapho umhlaba ugcwele izikhukhula ngenxa yakhe, wabuye wahlengwa ngukuhlakanipha, eqondisa olungileyo ngokhuni olungenamsebenzi.
Ukuhlakanipha Kwamsiza U-Abhrahama
5Ukuhlakanipha okwathi lapho izizwe ezazivumelene ngobubi sezifakwe umoya wokudideka, yikho okwambona olungileyo, kwamgcina engenasici phambi kukaNkulunkulu, kwamgcina eqinile nanxa wayenozwela ngendodana yakhe.
Ukuhlakanipha Kwamhlenga ULothi
6Ukuhlakanipha kwasindisa olungileyo lapho ababi bebhubha; waphunyuka emlilweni owehlela imizi emihlanu. 7Ubufakazi bobubi babo busekhona nanamuhla: kukwahlongasibi kuhlala kuthunqa umlilo, lapho izihlahla zakhona zithela izithelo ezingavuthwa, nensika kasawoti emi njengombhoshongo wesikhumbuzo emphefumulweni ongakholwa. 8Ngokuba ngenxa yokuba bakwedlula ukuhlakanipha, abanqindwanga nje ekuboneni okuhle, kodwa bashiyela isintu sonke isikhumbuzo sobuwula babo, ukuze ukwehluleka kwabo kungafihlakali. 9Labo abakukhonzayo ukuhlakakanipha kubakhulula ezinhluphekweni.
Ukuhlakanipha Kwamvikela UJakobe
10Lapho olungileyo ebalekile olakeni lomfowabo, kwamqondisa endleleni elungileyo; kwamkhombisa umbuso kaNkulunkulu, kwamnika ulwazi lwezinto ezingcwele; kwambusisa emsebenzini wakhe, kwandisa futhi isithelo sezithukuthuku zakhe. 11Lapho abacindezeli bakhe benokunxanela, kwama ngakuye kwamenza wanotha. 12Kwamvikela ezitheni zakhe, kwamgcina kulabo ababehlongoza ukumbulala; empikiswaneni yabo kwamnika ukunqoba, ukuze afunde ukuthi ukulunga kobuNkulunkulu kunamandla kunanoma yini enye.
Ukuhlakanipha Kwamhlenga UJosefa
13Lapho olungileyo ethengisiwe, ukuhlakanipha akuzange kumdele, kodwa kwamkhulula esonweni. kwangena naye emgodini, 14lapho esejele akumshiyanga, kwaze kwamlethela intonga yombuso negunya phezu kubaphathi bakhe. Labo ababemmangalele kwabembula ukuthi bangohubhu kabhejane, kwamnikeza ukuhlonishwa okungayikuphela.
Ukuhlakanipha Kwawahola Ama-Israyeli Ephuma EGibhithe
15Ukuhlakanipha kwabakhulula abantu abangcwele nesizwe esingenasici kubacindezeli. 16Kwangena emphefumulweni wenceku yeNkosi, yamelana namakhosi amabi ngezimangaliso nangezibonakaliso. 17Kwanikeza abangcwele umvuzo womsebenzi wabo; kwabaqondisa endleleni enhle kakhulu, kwaba ngumthunzi kubo emini, nelangabi kubo ebusuku. 18Kwabaletha phezu kolwandle olubomvu, kwabahola emanzini ajulile; 19kwaziminzisa izitha zabo kodwa bona kwabanyontula ekujuleni kolwandle. 20Ngakho abalungileyo baphanga ababi; bahuba amahubo, kuwe wena Nkosi, naseGameni lakho, bebabaza ngazwi linye isandla sakho esisindisayo; 21ngokuba ukuhlakanipha kwavula imilomo yezithulu, kwenza izilimi zabancelayo ziphimisele ngokuzwakalayo.