Inhlakanipho kaSolomoni 9
USolomoni Ukhulekela Ukuhlakanipha
1“Awu! Nkulunkulu wawokhokho, Nkosi yomusa, owenza izinto zonke ngezwi lakho, 2ngokuhlakanipha kwakho wadala isintu ukuba sibuse phezu kwezidalwa zonke ozenzileyo, 3sibuse umhlaba ngobungcwele nangobulungisa, futhi sahlulele ngobumhlophe benhliziyo, 4ngiphe ukuhlakanipha, khona lokho okuhlala nawe esihlalweni sakho, ungangali phakathi kwezinceku zakho. 5Ngokuba ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, umuntu obuthaka nonezinsuku ezimfishane, ongenalwazi olwanele lokwahlulela nolwemithetho; 6ngokuba nakuba ngubani olungileyo phakathi kwezidalwa ezingabantu akalutho ngaphandle kokuhlakanipha okuvela kuwe.
7“Ungikhethile ukuba ngibe yinkosi yabantu bakho, nokuba ngibe ngumahluleli phakathi kwamadodana namadodakazi akho. 8Ungiyalile ukuba ngakhe ithempeli entabeni yakho engcwele, ne-althare emzini ohlala kuwo, kube ngumfanekiso wethende elingcwele owalilungisa kwasekuqaleni. 9Kukuwe ukuhlakanipha, yikho okwazi imisebenzi yakho futhi kwakukhona lapho udala umhlaba; kuyakwazi okuthokozisayo ebusweni bakho nalokho okuhambisana nemithetho yakho. 10Thumela ukuhlakanipha kuvela ezulwini lakho elingcwele, kuthumele usesihlalweni sakho senkazimulo ukuze kusebenzisane nami, nokuba ngize ngazi lokho okuthokozisayo kuwe. 11Ngokuba khona kuyazi, kuqonda konke; futhi kuyakungiqondisa ngobuhlakani ezenzweni zami zonke, kungilinde ngokuhlonipheka kwakho.
12“Ngakho-ke imisebenzi yami iyokwemukeleka, ngiyokwahlulela abantu bakho ngokulunga, ngisifanele nesihlalo sobukhosi sikababa. 13Ngokuba ngubani ongaqonda izindlela zikaNkulunkulu na? Ngubani ongahlaziya okufiswa yiNkosi na? 14Ngokuba ukucabanga kwabantu kuyize, namacebo ethu anokungaphumeleli; 15ngokuba umzimba ofayo uyisisindo emphefumulweni, naleli dokodo lethu lasemhlabeni liyisisindo engqondweni ephusile. 16Ngokuba singeqagele ukuthi kukhonani emhlabeni, nokuthi noma yini ekhona siyifumana ngokusebenza; futhi ngubani osewake wafunisisa ukuthi kukhonani emazulwini? 17Ngubani owazi intando yakho, ngaphandle kokuba umnike ukuhlakanipha, umthumelele noMoya wakho oNgcwele uvela phezulu? 18Zaqondiswa kanjalo izindlela zalabo abasemhlabeni, abantu bafundiswa lokho okukuthokozisayo, basindiswa ngukuhlakanipha.”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.