Inhlakanipho kaSolomoni 4
1Ukungabi namntwana ube unesimilo esihle kungcono, ngokuba inkumbulo yabanjalo igcwele ukungafi, lokhu yaziwa nguNkulunkulu nabantu. 2Lapho kukhona ukuziphatha kahle, abantu bayakulingisa, futhi bayakulangazela noma kungasekho; ngaso sonke isikhathi kuhamba njengeqhawe elinqobile. Kunqobile emncintiswaneni omvuzo wawo ungangcolisiwe. 3Ukwanda kwenzalo yababi akunalusizo, akukho namunye wenzalo yabo efana neyesihlahla, oyoba nezimpande ezijulile, futhi ezibambelele. 4Noma bangakhipha amagatsha okwesikhashana, ngenxa yokuba bengagxilile baqina emhlabathini, bayakunyakaziswa ngumoya basishulwe yisiphepho esinamandla. 5Amagatsha abo ayokwephuka engakaqini, isithelo sawo asiyikuba nalusizo, asiyikuvuthwa ngokwanele ukuba singadliwa, asiyikuba nalusizo lwalutho; 6ngokuba abantwana abazelwe ngokungemthetho bangofakazi bobubi babazali babo lapho uNkulunkulu ebahlola. 7Kepha abalungileyo, noma befa kungakabi yisikhathi basekuphumuleni. 8Ngokuba ubudala abuhlonipheki ngenxa yobude besikhathi, futhi abulinganiseki ngenxa yobuningi beminyaka; 9kodwa ubudala bufana nokuqonda kubantu, impilo emsulwa ingubudala impela.
Isibonelo Sika-Enokhi
10Kukhona abanye ababemthokozisa uNkulunkulu, labo babethandwa nguye, nanxa babephila phakathi kwezoni, bahlwithwa. 11Bahlwithwa ukuze ububi bungaguquli ukuqonda kwabo noma inkohliso iyenge imiphefumulo yabo. 12Ngokuba lokho okuhunga abonakeleyo kuyabemboza ubuhle, nenkanuko etshikizayo iyayonakalisa ingqondo elungileyo. 13Belungisisiwe ngesikhathi esifushane, bafeza okweminyaka eminingi, 14ngokuba imiphefumulo yabo yayiyithokozisa iNkosi, ngakho-ke yabahlwitha ngokushesha phakathi kwababi. Nokho abantu bakubona kodwa abaze bakuqonda, futhi abakushayanga mkhuba; 15ukuthi umusa nesihawu sikaNkulunkulu kukwabakhethiweyo bakhe, nokuthi iNkosi iyabalinda abangcwele bayo.
Isiphetho Sababi
16Abalungileyo asebafa bayakwahlulela balahle ngecala labo abangalungile abasaphila, abasha abalungisiswa bapheleliswa ngokushesha bayakwahlulela izimpunga ezingalungile. 17Ngokuba bayakubona isiphetho sabahlakaniphile, kodwa bangakuqondi lokho iNkosi ebalungisele khona, nokuthi ibagcineleni bephephile. 18Abangalungile bayakubona babe nokunengwa ngabo, kodwa iNkosi iyakubahleka usulu.
19Emva kwalokhu bayophenduka izidumbu ezingahloniphekile, babe yisicunulo kwabafileyo kuze kube phakade; ngokuba iyakubaphahlaza emhlabathini baphelelwe ukukhuluma, ibazamazamise kusuka ezisekelweni; bayakusala beluqwathule logwadule, bagcwale ubuhlungu, kuthi ukukhunjulwa kwabo kushabalale ingunaphakade. 20Bayoza phambi kwayo bethuthumela lapho sekulandwa ngezono zabo, izenzo zabo zobuxhwanguxhwangu zibamangalele.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.