Inhlakanipho kaSolomoni 5
Ukuzisola Kwababi
1Abalungileyo bayakuma ngesibindi esikhulu phambi kwabacindezeli babo, abazishaya into engelutho izithukuthuku zabo. 2Lapho abangalungile bebabona, bayakuthuthumela ngukwesaba, bayakumangala lapho bebona ukusindiswa kwabalungileyo bengakulindele. 3Bayakukhuluma omunye komunye bezisola, babubule ngobuhlungu bomphefumulo bethi: 4“Laba yibo esasibenza inhlekisa, ababeyisicunulo, yeka ubuwula bethu! Sasicabanga ukuthi impilo yabo ingumsangano nje nokuthi isiphetho sabo asiyikuba nakuhlonishwa. 5Kungani manje babalwe nabantwana bakaNkulunkulu na? Kungani isabelo sabo sikanye nesabangcwele na? 6Phela kwakuyithi esaphambuka endleleni yeqiniso, kwathi ukukhanya kokulunga akwakhanya phezu kwethu, nelanga alaphuma phezu kwethu. 7Semukeliswa ngokugcwele ngenxa yezindlela zethu ezingalungile neziholela encithakalweni, ngokuba sahamba ngendlela yogwadule engenamzila, indlela yeNkosi asiyazanga.
8“Sizuzeni ngokuzigqaja kwethu na? Sibuyelwe yini enhle ngokuziphakamisa ngengcebo yethu na? 9Zonke lezi zinto zishabalele okwesithunzi nanjengamahemuhemu edlulayo nje; 10kunjengomkhumbi odabula phakathi kwamanzi esivunguvungu, sewedlulile akutholakali nobufakazi bokuthi wake wedlula lapho, akubonakali namzila wawo emanzini, 11futhi kunjengenyoni lapho indiza emkhathini, akukho bufakazi obungatholakala bokuthi ike yedlula lapho, umoya oludlana udatshulwa ngukundiza kwayo, udatshulwe nayisankahlu sokundiza kwayo, uyadatshulwa ngukunyakaza kwamaphiko ayo, kuthi nxa seyedlule kungatholakali nobuncane ubufakazi bokuthi yake yedlula lapho, 12futhi kufana nalapho udubula umcibisholo ebumnyameni, umoya uyahlukana, ubuye uhlangane emva kwalokho, isigcino ngukuthi akukho noyedwa owaziyo ukuthi uke wedlula lapho.
13“Kunjalo nangathi, sithi singazalwa nje buphele ubuthina, kungabikho luphawu lokwethembeka esingabonakalisa ngalo, kodwa sigwinywa ngububi bethu. 14Ngokuba ithemba lethu lifana nembewu ipheshulwa ngumoya, lifana nomlalamvubu olula uxoshwa yisiphepho; liyahlakazwa njengentuthu phambi komoya, futhi ledlulisa okwenkumbulo yesivakashi esihlale usuku nje. 15Kepha abalungileyo baphila phakade, futhi umvuzo wabo useNkosini; Ophezukonke uyabanakekela.
16“Ngakho-ke bayokwemukela umqhele wodumo nomqhele omuhle esandleni seNkosi, ngokuba ngesandla sayo sokunene iyakubavikela, futhi iyakubakhusela ngengalo yayo. 17INkosi iyakuhloma ngogqozi lwayo njengesivikelo, futhi iyaphendula imvelo yayo ibe yizikhali ukuze ixoshe izitha zayo; 18iyakugqoka ukulunga njengesivikelo sesifuba, yembathe ubulungisa njengesivikelo sekhanda; 19iyakuthatha ubungcwele njengesihlangu esinganqobekiyo; 20ilungise ulaka lwayo olunamandla njengenkemba, indalo yonke iyakuhlanganyela naye ukulwa nezitha zakhe. 21Imibani iyakundiza ngenjongo epheleleyo, isuke ngesankahlu emafini iya kokufanele, njengomcibisholo osuka esicibishelweni esikhonjwe kahle, 22nanjengesichotho esigcwele ulaka esiyakujikijelwa ngokungathi ngendwayimane; amanzi olwandle ayakumelana nabo; kuthi imifula ibehlule njalo; 23umoya onamandla amakhulu uyakubavukela njengesiphepho ubachithe. Ukusweleka kobulungisa kuyakubhubhisa umhlaba wonke, ukuvama kobubi kuyakugumbukuqela izihlalo zababusi.”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.