Ukumiswa kukaRehobowamu; ukuhlubuka kwezizwe eziyishumi
1URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke uIsrayeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.
2Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile — ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalekele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni; wahlaka-ke uJerobowamu eGibithe,
3kepha bathuma bambiza — uJerobowamu nebandla lonke lakwaIsrayeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi:
4Uyihlo wenza ijoka lethu laba-lukhuni; ngalokho yenza wena ube-lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.
5Wathi kubo: Hambani izinsuku zibezintathu, besenibuyela kimi. Basuka-ke abantu.
6Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise, esekhona, yathi: Nina ningeluleka ukubuyisela-mpenduloni kulababantu na?
7Akhuluma kuye, athi: Uma uyakubayinceku yalababantu namhla nje, ubakhonze, ubaphendule, ukhulume amazwi amahle kubo, bayakuba-yizinceku zakho izinsuku zonke.
8Kepha walahla isiluleko samalunga ameluleké ngaso, welulekana nezinsizwa eziyintanga yakhe, ezazimi phambi kwakhe.
9Wathi kuzo: Nina ningeluleka ukuba sibuyisele-mpenduloni kulababantu abakhulumé kimi ngokuthi: Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe-lula, na?
10Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe, zithi: Uyakusho kanje kulababantu abakhulumé kuwe ngokuthi: Uyihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe-lula kithina, uyakukhuluma kanje kubo, uthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.
11Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.
12UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi, ithi: Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.
13Inkosi yaphendula abantu kalukhuni, yalahla isiluleko samalunga ameluleké ngaso,
14yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.
15Inkosi ayilalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuJehova, ukuze amise izwi lakhe uJehova alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.
16Wonke uIsrayeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi:
Sinasabelo sini kuDavide na?
Ifa asinalo endodaneni kaJese.
Yana ematendeni akho, Israyeli,
zibhekele indlu yakho manje, Davide.
Wayesesuka uIsrayeli, waya ematendeni akhe.
17Kepha abantwana bakwaIsrayeli abakhé emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo.
18Inkosi uRehobowamu yathuma uAdoramu owayephezu kwezisebenzi; uIsrayeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.
19UIsrayeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube-namuhla.
Ukumiswa kukaJerobowamu; isiprofetho sikaShemaya
20Kwathi wonke uIsrayeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathuma bambizela emhlanganweni, bambeka inkosi phezu kukaIsrayeli wonke; akubangakho-muntu olandela indlu kaDavide, isizwe sakwaJuda kuphela.
21URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili, amabutho, ukuba balwe nendlu yakwaIsrayeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.
22Lase lifika izwi likaNkulunkulu kuShemaya umuntu kaNkulunkulu, lathi:
23Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni inkosi yakwaJuda, nakuyo yonke indlu yakwaJuda neyakwaBenjamini, nakubantu abaseleyo, ngokuthi:
24Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu abantwana bakwaIsrayeli; buyelani, kube-yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba lento ivela kimi. Balalela izwi likaJehova, babuya, bahamba njengokusho kukaJehova.
25UJerobowamu waqinisa iShekemi ezintabeni zakwaEfrayimi, wahlala khona; waphuma lapho, waqinisa iPhenuweli.
26UJerobowamu wathi enhliziyweni yakhe: Manje umbuso uyakubuyela endlini kaDavide.
27Uma lababantu benyuka ukunikela ngemihlatshelo endlini kaJehova eJerusalema, inhliziyo yalababantu iyakuphindela enkosini yabo, kuRehobowamu inkosi yakwaJuda, bangibulale mina, babuyele kuRehobowamu inkosi yakwaJuda.
28Inkosi isithathé isiluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema; bheka onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.
29Wabeka elinye eBethele, elinye walibeka kwaDani.
30Leyonto yaba-yisono, ngokuba abantu baya phambi kwelinye nakwaDani.
31Wakha nezindlu zezindawo eziphakemeyo, wenza abapristi ngeningi labantu abangesiwo amadodana kaLevi.
32UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda, wenyukela ealtare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.
33Wayesenikela ealtare alenzileyo ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, inyanga abeyinqumile ngokwakhe nje; wenzela abantwana bakwaIsrayeli umkhosi, wenyukela ealtare ukushisa impepho.