Umprofethi wakwaJuda nokubulawa kwakhe
1Bheka, kwavela kwaJuda umuntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi ealtare ukushisa impepho.
2Walibiza ialtare ngezwi likaJehova, wathi: Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide, nguJosiya igama lakhe; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.
3Wabanika isiboniso ngalolosuku, wathi: Yilesi esiyisiboniso uJehova akhulumé ngaso sokuthi: Bheka, ialtare liyakudatshulwa, umlotha ophezu kwalo uchithwe.
4Kwathi inkosi isizwile izwi lalowomuntu kaNkulunkulu alibiza ngalo ialtare laseBethele, uJerobowamu waselula isandla sakhe esealtare, wathi: Mbambeni. Kepha isandla sakhe aselulela kuye sashwabana, akaba-namandla okusibuyisela kuye.
5Ialtare ladabuka, umlotha wealtare wachitheka ealtare njengesiboniso asinikile lowomuntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova.
6Inkosi yayisithatha yathi kulowomuntu kaNkulunkulu: Ake unxuse phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba isandla sami siphiliswe. Lowomuntu kaNkulunkulu wanxusa kuJehova, saphiliswa isandla sakhe, sabanjengakuqala.
7Yayisithi inkosi kulowomuntu kaNkulunkulu: Woza siye ekhaya, uzihlumelele, ngikuphe isipho.
8Kepha lowomuntu kaNkulunkulu wathi enkosini: Noma unginika inxenye yendlu yakho, angiyikuya khona nawe; futhi angiyikudla isinkwa, ngiphuze amanzi kuleyondawo;
9ngokuba ngayalwa kanjalo ngezwi likaJehova ngokuthi: Awuyikudla-sinkwa, ungaphuzi-manzi, ungabuyi ngendlela ozé ngayo.
10Wayesehamba ngenye indlela, kabuyanga ngendlela abezé ngayo eBethele.
11Kwakuhlala eBethele umprofethi omdala. Amadodana akhe afika amtshela yonke imisebenzi lowomuntu kaNkulunkulu abeyenzile ngalolosuku eBethele, namazwi abewakhulumile enkosini. Uyise esetsheliwe
12uyise wathi kuwo: Uhambé ngayiphi indlela na? Amadodana ayebonile ukuthi uhambé ngayiphi indlela lowomuntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda.
13Wayesethi kumadodana akhe: Ngibopheleni imbongolo. Ambophela-ke imbongolo, wayikhwela.
14Wamlandela lowomuntu kaNkulunkulu, wamfumana ehlezi phansi kweoki*; wathi kuye: Wena ungumuntu kaNkulunkulu lowo owavela kwaJuda na? Wathi: Nginguye.
15Wayesethi kuye: Woza siye ekhaya, uthole ukudla.
16Kepha wathi: Anginakubuya nawe, anginakungena kwakho nawe; futhi anginakudla isinkwa, ngiphuze amanzi nawe kuleyondawo,
17ngokuba kwathiwa kimi ngezwi likaJehova: Awuyikudla-sinkwa, ungaphuzi-manzi khona, ungabuyi ngendlela ozé ngayo.
18Wayesethi kuye: Nami ngingumprofethi njengawe; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi. Kodwa waqamba amanga kuye.
19Wayesebuya-ke naye, wadla endlini yakhe, waphuza amanzi.
20Kwathi besahlezi etafuleni, izwi likaJehova lafika kumprofethi owambuyisa;
21wamemeza kulowomuntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda, wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Njengokuba ungalilalelanga izwi likaJehova, ungagcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo,
22kepha ubuyile, wadla, waphuza amanzi endaweni athi ngayo kuwe ungadli-sinkwa, ungaphuzi-manzi, isidumbu sakho asiyikungeniswa ethuneni lawoyihlo.
23Kwathi esedlile, esephuzile, wambophelela imbongolo yena lowomprofethi abembuyisile.
24Esehambile waficwa yingonyama endleleni, yambulala; isidumbu sakhe santshingwa endleleni, imbongolo yema eceleni kwaso, nengonyama yema ngasesidumbini.
25Bheka, abantu badlula, babona isidumbu sintshingwé endleleni nengonyama imi eceleni kwesidumbu, bafika bakhuluma ngakho emzini ayehlala kuwo lowomprofethi omdala.
26Esezwile lokho umprofethi obembuyisile endleleni wathi: Ngumuntu kaNkulunkulu lowo owayengalaleli izwi likaJehova; ngalokho uJehova umnikele kuyo ingonyama, yamdwengula; yambulala njengezwi likaJehova alikhuluma kuye.
27Wayesekhuluma kumadodana akhe, ethi: Ngibopheleleni imbongolo. Ayibophela.
28Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwé endleleni, imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu; ingonyama ayidlanga isidumbu, ayidwengulanga nembongolo.
29Umprofethi wasiphakamisa isidumbu salowomuntu kaNkulunkulu, wasibeka embongolweni, wasibuyisa; wafika emzini womprofethi omdala ukuba alile, ammbele.
30Wasibeka isidumbu ethuneni lakhe; bamlilela bathi: Maye, mfowethu!
31Kwathi esemmbele, wakhuluma kumadodana akhe, wathi: Lapho sengifile, ngimbeleni ethuneni embelwe kulo lowomuntu kaNkulunkulu, nibeke amathambo ami eceleni kwamathambo akhe.
32Ngokuba izwi alimemezayo ngokusho kukaJehova kulo ialtare laseBethele nakuzo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezisemizini yaseSamariya liyakwenzeka nokwenzeka.
UJerobowamu uqhubeka ebubini
33Emva kwalokho uJerobowamu akaphendukanga nokho endleleni yakhe embi, kepha wabuye wenza abapristi bezindawo eziphakemeyo ngeningi labantu; othandayo wahlukaniselwa, wabangumpristi wendawo ephakemeyo.
34Leyonto yaba-yisono kuyo indlu kaJerobowamu ngangokuba inqunywe, ichithwe ebusweni bomhlaba.