Isiprofetho sika-Ahiya
1Ngalesosikhathi uAbiya indodana kaJerobowamu wagula.
2UJerobowamu wathi kumkakhe: Ake usuke uzifihle, ukuze kungaziwa ukuthi wena ungumkaJerobowamu, uye eShilo; bheka, uAhiya umprofethi ulapho, yena owakhuluma ngami ukuthi ngiyakubayinkosi phezu kwalababantu.
3Uphathe ngesandla sakho izinkwa eziyishumi, nemiqathane, nophiso lwezinyosi, uye kuye; uyakukutshela ukuthi kuzakuba-njani kumntwana.
4UmkaJerobowamu wenze njalo; wasuka, waya eShilo, wafika endlini ka-Ahiya. UAhiya wayengenakubona, ngokuba amehlo akhe ayequndekile ngenxa yobudala bakhe.
5UJehova wayeshilo kuAhiya, ethi: Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe, ngokuba iyagula; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.
6Kwathi lapho uAhiya ezwa izigqi zezinyawo zakhe ekungeneni kwakhe emnyango, wathi: Ngena, mkaJerobowamu; uzishayelani omunye; mina ngithunyiwe kuwe nginendaba elukhuni.
7Hamba umtshele uJerobowamu ukuthi: UJehova uNkulunkulu kaIsrayeli usho kanje, uthi: Njengokuba ngakuphakamisa phakathi kwabantu, ngakubeka ube-ngumbusi wabantu bami uIsrayeli,
8ngawuhlwitha umbuso endlini kaDavide, ngawunika wena, kepha awubanga-njengenceku yami uDavide owagcina imiyalo yami nowangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe ukwenza okulungile emehlweni ami kuphela,
9kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababephambi kwakho, wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa ukuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,
10bheka, ngalokho ngiyakwehlisela indlu kaJerobowamu okubi, nginqume kuJerobowamu wonke umlisa, omncane nomkhulu kwaIsrayeli, ngikhukhule indlu kaJerobowamu njengokukhukhulwa komquba, uze uphele.
11Yena wakwaJerobowamu ofela emzini uyakudliwa yizinja, nofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu, ngokuba uJehova ukukhulumile.
12Ngalokho suka uye endlini yakho; ekungeneni kwezinyawo zakho emzini uyakufa umntwana.
13Wonke uIsrayeli uyakumlilela, ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni, lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu kaIsrayeli endlini kaJerobowamu.
14Futhi uJehova uyakuzivusela inkosi phezu kukaIsrayeli eyakunquma indlu kaJerobowamu ngalolosuku. Kepha ngithini? Yebo, namanje.
15Ngokuba uJehova uyakushaya uIsrayeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule uIsrayeli kulelizwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula*, lokhu benzile oAshera* babo, bathukuthelisa uJehova.
16Uyakulahla uIsrayeli ngenxa yezono zikaJerobowamu oné ngazo, futhi onisa ngazo uIsrayeli.
17UmkaJerobowamu wayesesuka wahamba, wafika eTirisa; esefiké embundwini wendlu, umntwana wafa.
18Wonke uIsrayeli wammbela, wamlilela njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla senceku yakhe uAhiya umprofethi.
Ukufa kukaJerobowamu
19Ezinye izindaba zikaJerobowamu, ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli.
20Izinsuku zokubusa kukaJerobowamu zaziyiminyaka engamashumi amabili nambili; wayeselala koyise; uNadabi indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
Ukubusa kukaRehobowamu kwaJuda
21URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwaIsrayeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.
22UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu naphezu kwakho konke ababekwenzile oyise ngezono zabo abazenzayo.
23Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, nezinsika, nawoAshera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza.
24Kwakukhona nezifebe zethempeli kulelozwe; benza njengazo zonke izinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwaIsrayeli.
UShishaki usukela iJerusalema
25Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wenyukela eJerusalema.
26Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yebo, wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni.
27Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi.
28Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJehova, izigijimi zazithwala, zazibuyisela ekamelweni labalindi.
Ukufa kukaRehobowamu
29Ezinye izindaba zikaRehobowamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
30Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu.
31URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni. UAbiyamu indodana yakhe wabayinkosi esikhundleni sakhe.