Ukuzalwa nokukhuliswa kukaMose
1Kwasuka umuntu wendlu kaLevi, wathatha indodakazi kaLevi.
2Wakhulelwa lowomfazi, wazala indodana; esebonile ukuthi inhle, wayithukusa izinyanga ezintathu.
3Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu, walihuqa ngebitume* nangekolitayi*, wamfaka umfana kulo, walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula.
4Udadewabo wayemi kudana, ukuze azi ukuthi kuyakwenziwani kuye.
5Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda.
6Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: Lona ungowabantwana bamaHeberu.
7Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro: Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?
8Indodakazi kaFaro yathi kuye: Hamba. Yasuka intombazana, yabiza unina wengane.
9Indodakazi kaFaro yathi kuye: Hamba nalomntwana, ungincelisele yena; ngizakukukhokhela. Owesifazane wamthatha-ke umntwana, wamncelisa.
10Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba-yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: Ngokuba ngamkhipha emanzini.
Ukubaleka kukaMose
11Kwathi ngalezozinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo.
12Waphendukela ngalapha nangalapha; esebonile ukuthi akukho-muntu, wambulala owaseGibithe, wamthukusa esihlabathini.
13Waphuma nangosuku olulandelayo; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: Umshayelani owakini na?
14Wathi yena: Ngubani okumisé induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na? UMose wayesesaba, ethi: Impela lendaba iyazeka.
15UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni.
16Umpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise.
17Kwafika abelusi, bawaxosha. Kepha wayesesukuma uMose, wawasiza, waphuzisa izimvu zawo.
18Lapho esefika kuRehuweli uyise, wathi yena: Yini ukuba nisheshé nibuye namuhla na?
19Athi: OwaseGibithe usophulile esandleni sabelusi, futhi wasikhelela amanzi, waphuzisa izimvu.
20Wathi kuwo amadodakazi akhe: Uphi yena? Nimshiyeleni na? Mbizeni, eze ukuzokudla.
21UMose wazimisela ukuhlala kulowomuntu; wamupha uMose uSipora indodakazi yakhe.
22Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu*, ngokuba wathi: Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.
23Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwaIsrayeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.
24UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe noAbrahama, noIsaka, noJakobe.
25UNkulunkulu wabona abantwana bakwaIsrayeli, wabanakekela.