UNkulunkulu uzibonakalisa esihlahleni esivuthayo
1UMose wayalusa izimvu zikaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; waziqhuba izimvu, waya ngaphambili kwehlane, waze wafika entabeni kaNkulunkulu iHorebe.
2Kwabonakala kuye ingelosi kaJehova elangabini lomlilo livela phakathi kwesihlahla; wabuka, bheka, isihlahla savutha umlilo, kepha isihlahla asiphelanga nokho.
3Wayesethi uMose: Mangiphambuke, ngiye ngibone lesisibonakaliso esikhulu ukuba isihlahla asishi ngani.
4UNkulunkulu esebona ukuthi uyaphambuka ukuyobuka, uNkulunkulu wambiza ephakathi kwesihlahla, wathi: Mose, Mose!
5Wathi: Ngilapha. Wayesethi: Ungasondeli lapha; khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.
6Wathi: NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.
7Wayesethi uJehova: Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;
8ngehlé ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelozwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamal herizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.
9Bheka, manje ukukhala kwabantwana bakwaIsrayeli sekufiké kimi; futhi ngikubonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho.
10Ngakho hamba, ngiyakukuthuma kuFaro ukuba ukhiphe eGibithe abantu bami, abantwana bakwaIsrayeli.
11UMose wayesethi kuNkulunkulu: Ngingubani mina ukuba ngiye kuFaro, ngikhiphe eGibithe abantwana bakwaIsrayeli na?
12Wathi: Ngizakuba-nawe ngempela; lokhu kuyakuba-luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile: nxa ukhiphile isizwe eGibithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kulentaba.
13UMose wayesethi kuNkulunkulu: Bheka, lapho ngifika kubantwana bakwaIsrayeli, ngithi kubo: UNkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini, bese bethi kimi: Ngubani igama lakhe? ngizakuthini kubo na?
14UNkulunkulu wathi kuMose: Nginguye enginguye. Wathi: Uzakusho njalo kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: UNgikhona* ungithumile.
15UNkulunkulu wathi futhi kuMose: Uzakusho njalo kubo abantwana bakwaIsrayeli, uthi: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini: yileli eliyigama lami kuze kube-phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.
16Hamba ubuthe amalunga akwaIsrayeli, uthi kuwo: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama nokaIsaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.
17Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.
18Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwaIsrayeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.
19Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla.
20Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.
21Ngiyakunika lesisizwe umusa emehlweni abaseGibithe, kuze kuthi lapho nisuka, aniyikuhamba ningaphethe-lutho,
22kepha yilowo nalowowesifazane uyakucela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobeleyo endlini yakhe izinto zesiliva nezinto zegolide, nezingubo; niyakuzifaka kumadodana enu nakumadodakazi enu, niphange abaseGibithe.