UJakobe ubusisa amadodana akhe
1UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.
2Qoqanani, nizwe, nina-madodana kaJakobe,
nimlalele uIsrayeli uyihlo.
3Rubeni, uyizibulo lami wena,
amandla ami, ukuqala kwezikhwepha zami,
ingqongqo ngesithunzi, ingqongqo ngamandla.
4Uyachichima njengamanzi,
awuyikuba-nabungqongqo,
ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona;
wakhwela okhukhweni lwami.
5OSimeyoni noLevi bayizelamani;
izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.
6Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami;
ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami,
ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu;
ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
7Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba lwalunamandla,
nentukuthelo yabo, ngokuba yayinonya;
ngizakubahlukanisa kwaJakobe,
ngibasakaze kwaIsrayeli.
8Juda, abafowenu bazakukudumisa wena;
isandla sakho siyakuba-sesijingweni sezitha zakho;
amadodana kayihlo ayakukukhothamela.
9UJuda uyibhongo lengonyama.
Wenyuké empangweni, ndodana yami.
Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi;
ngubani oyakumvusa na?
10Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda,
nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe,
aze afike yena olufanele lona;
nezizwe ziyakumlalela.
11Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini,
ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle;
uhlanza izingubo zakhe ewayinini,
nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.
12Amehlo akhe ayaklwela iwayini,
amazinyo akhe amhlophe ubisi.
13UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle,
abe-sosebeni lwemikhumbi;
umkhawulo wakhe uzakuba-ngaseSidoni.
14UIsakare uyimbongolo enamandla,
elala phakathi kwezibaya.
15Wabona indawo yokuphumula ukuthi inhle,
nezwe ukuthi limnandi;
wafolisa ihlombe ukuba athwale,
waba-yinceku yempoqo.
16UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe,
njengesinye sezizwe zakwaIsrayeli.
17UDani uyakuba-yinyoka endleleni,
inhlangwana emkhondweni
eluma izithende zehashi,
awe nyovane olikhweleyo.
18Ngiyihlalele insindiso yakho, Jehova.
19UGadi, iviyo liyakumcindezela,
kepha yena uyakucindezela isithende salo.
20KuAsheri kuvela amanoni abe-ngukudla kwakhe;
uyakuveza isilovela samakhosi.
21UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo;
uveza amazwi amnandi.
22UJosefa uyingatsha entsha ethelayo,
ingatsha ethela ngasemthonjeni;
amagatsha akhe akhwela odongeni.
23Abacibishelayo bayamkhathaza,
bayamdubula, bayamzingela;
24kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile;
amandla ezandla zakhe aqiniswa
ngezandla zoMninimandla kaJakobe,
okuvela kuye uMalusi netshe likaIsrayeli,
25ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza,
ngoSomandla ozakukubusisa
ngezibusiso zasezulwini phezulu,
nangezibusiso zasotweni olukhona phansi,
nangezibusiso zamabele nezesizalo.
26Izibusiso zikayihlo zinamandla
kunezibusiso zawokhokho bami,
kuze kube-semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo;
ziyakuba-phezu kwekhanda likaJosefa phakade,
nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.
27UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo;
ekuseni uyadla impango,
kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.
28Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba-yilowo nalowo ngokwesibusiso sakhe.
29Wabayala, wathi kubo: Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini kaEfroni umHeti,
30umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga uAbrahama kanye nensimu kuEfroni umHeti, ube-yindawo yakhe yokumbela;
31lapho bembela oAbrahama noSara umkakhe; lapho bembela oIsaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya;
32insimu nomhume okuyo okwathengwa kwabantwana bakwaHeti.
33UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.