Ukusolwa kwabaholi ababi
1Ngathi:
Zwanini nina-zinhloko zakwaJakobe,
nani-zikhulu zendlu yakwaIsrayeli ukuthi:
Akusikho okwenu ukwazi ukulunga
2nina enizonda okuhle, nithanda okubi,
enebula kubo isikhumba sabo, nenyama yabo emathanjeni abo,
3enidla inyama yabantu bami,
nihlinza kubo isikhumba sabo,
naphula amathambo abo,
yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini
nanjengenyama phakathi kwebhodwe.
4Khona bayakukhala kuJehova,
kepha akayikubaphendula;
uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngalesosikhathi
ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe-zimbi.
5Usho kanje uJehova ngabaprofethi
abadukisa abantu bami,
abathi, besenakho okokuhlafuna ngamazinyo abo,
bamemeze bathi: Ukuthula,
nongabeki-lutho emlonyeni wabo
bamlungisele ukulwa.
6Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi-nambono,
kuhlwe kini, ningabe nisabhula;
ilanga liyakushonela abaprofethi,
usuku lube-mnyama phezu kwabo.
7Ababoni bayakuba-namahloni, ababhuli bayangaze;
bayakumboza amadevu abo bonke,
ngokuba akuveli-mpendulo kuNkulunkulu.
8Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova
ngokulunga nangobuqhawe
ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe,
uIsrayeli izono zakhe.
9Ake nizwe lokhu nina-zinhloko zendlu kaJakobe
nani-zikhulu zendlu yakwaIsrayeli
eninengwa ngukwahlulelwa,
nihlanekezela konke ukulunga,
10enakha iSiyoni ngegazi
neJerusalema ngobubi,
11elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo,
nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo,
nelibaprofethi balo babhula ngemali,
benciké nokho kuJehova, bethi:
UJehova akaphakathi kwethu na?
Asiyikwehlelwa ngokubi.
12Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu,
iJerusalema libe-yincithakalo,
intaba yendlu ibe-yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.