Isithembiso sokuthula
1Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayo
intaba yendlu kaJehova
iqiniswe esiqongweni sezintaba,
iphakame kunamagquma,
nabantu bayakugobhozela khona.
2Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi:
Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova
nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe;
uyakusifundisa izindlela zakhe,
sihambe emikhondweni yakhe,
ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,
nezwi likaJehova eJerusalema.
3Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi,
anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude;
ziyakukhanda izinkemba zazo zibengamakhuba,
imikhonto yazo ibe-ngocelemba;
isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,
zingabe zisafunda ukulwa.
4Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe
naphansi komkhiwane wakhe;
akakho oyakubesabisa,
ngokuba umlomo kaJehova-Sebawoti ukhulumile.
5Ngokuba bonke abantu bahamba,
kube-yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe,
kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu
kuze kube-phakade naphakade.
6Ngalolosuku, usho uJehova,
ngiyakubutha abaqhugayo,
ngiqoqe abaxoshiweyo
nengenzé okubi kubo,
7ngenze abaqhugayo babe-yinsali,
abadediselwe kude babe-yisizwe esinamandla;
uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni
kusukela manje kuze kube-phakade.
8Wena-mbhoshongo womhlambi, negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe,
yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika,
umbuso wendodakazi yaseJerusalema.
9Umemezelani manje ngokumemeza okungako na?
Ayikho inkosi kuwe,
ubhubhile umluleki wakho,
lokhu ubanjwé yimihelo njengobelethayo.
10Yiba-nemihelo, uzale, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo,
ngokuba manje uyakuphuma emzini, uhlale endle,
ufike naseBabele, lapho uzakophulwa khona;
lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.
11Manje izizwe eziningi zikubuthanele;
zithi: Malingcoliswe,
amehlo ethu alibuke iSiyoni.
12Kepha azazi imicabango kaJehova,
aziqondi amasu akhe,
ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni.
13Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni,
ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube-yinsimbi,
nezinselo zakho ngizenze insimbi;
uyakuchoboza abantu abaningi,
kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo,
nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.