Umbusi ozayo wakwaIsrayeli
1Buthana ngamaviyo, ndodakazi yamaviyo;
usivimbezele,
bayakumshaya umahluleli wakwaIsrayeli ngenduku esihlathini.
2Kepha wena-Betlehema-Efratha,
omncane ukuba ube-phakathi kwemindeni yakwaJuda,
ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,
ozakuba-ngumbusi kwaIsrayeli,
okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.
3Ngalokho bayakukhashelwa,
aze abelethe oyakubeletha;
beseyibuyela insali yabafowabo
kubantwana bakwaIsrayeli.
4Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova
nangokuphakama kwegama likaJehova uNkulunkulu wakhe;
sebeyakuhlala, ngokuba uzakubamkhulu
kuze kube-semajukujukwini omhlaba.
5Ukuthula kuyakuba-yilokhu:
lapho umAsiriya engena ezweni lakithi,
anyathele ezindlini zethu zobukhosi,
siyakumvusela abelusi abayisikhombisa
nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.
6Bayakuchitha izwe laseAsiriya ngenkemba,
nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo,
asophule kumAsiriya,
lapho engena ezweni lakithi,
nalapho enyathela emikhawulweni yethu.
7Insali yakwaJakobe iyakuba-phakathi kwabantu abaningi
njengamazolo avela kuJehova,
njengezihlambi otshanini
ezingahlaleli-muntu,
zingahlaleli abantwana babantu.
8Insali yakwaJakobe iyakuba-phakathi kwezizwe,
phakathi kwabantu abaningi,
njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini,
njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu,
elithi lapho lidabula, linyathele, lidwengule,
kungekho owophulayo.
9Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho,
zinqunywe zonke izitha zakho.
10Kuyakuthi ngalolosuku, usho uJehova,
nginqume amahashi akho phakathi kwakho,
ngichithe izinqola zakho,
11ngiyinqume imizi yasezweni lakho,
ngizidilize zonke izinqaba zakho.
12Ngiyakunquma ukulumba esandleni sakho,
kungabe kusabakho kuwe abahlola imihlola.
13Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo nezinsika zakho phakathi kwakho,
ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.
14Ngiyakubasiphula oAshera* bakho phakathi kwakho,
ngiyichithe imizi yakho.
15Ngiyakwenza impindiselo ngentukuthelo nangokufutheka
kuzo izizwe ezingalalelanga.