1UHIRAMU inkosi ya seTire wa zi tuma izinceku zake kuSolomona, ngokuba e be zwile ukuti se be m misile a be inkosi esikundhleni sika yise; naye uHiramu wa e m tanda uDavida izikati zonke.
2uSolomona wa tuma kuHiramu wa ti,
3U ya m azi uDavida ubaba ukuba wa e nge namandhla ukwakela igama lika Jehova uTixo wake indhlu, ngenxa yokulwa okwa ku kona kubantu ezweni lonke, kwa za kwa ti uJehova wa ba beka pansi komzansi wezinyawo zake.
4Kodwa kaloku uJehova uTixo wami u ngi nikile ukupumula ngasemacaleni onke, ka si ko isita, ka ku ko nokubi.
5Bheka, se ngi tanda ukwakela igama lika Jehova uTixo wami indhlu, njengokuba uJehova wa kuluma kuDavida ubaba, wa ti, Indodana yako, engi za kuyimisa esihlalweni sako sobukosi esikundhleni sako, yena u ya kwakela igama lami indhlu.
6Ngako ma u ba yale, ba ngi gaulele imiti yesedare eLebanoni, izinceku zami zi ya kusebenza kanye nezako; ngi ya kukukokela izinceku zako njengokubiza kwako; ngokuba u yazi ka mu ko u muntu kwaba kiti okwaziyo ukugaula imiti njengamaSidonia.
7Kwa ti uHiramu e se wezwile amazwi ka Solomona, wa tokoza ngamandhla, wa ti, Ma ka dunyiswe uJehova namhla, yena o m nikileyo uDavida indodana ehlakanipileyo ukubusa lesisizwe esikulu kangaka.
8uHiramu wa tuma kuSolomona, wa ti, Se ngi qondile lezozinto owa tuma kimi ngazo; nami ngi ya kwenza intando yako yonke ngayo imiti yesedare, na ngemiti yefire.
9Izinceku zami zi ya kuyitata eLebanoni zi yi yise elwandhle; ngi ya kuyituta elwandhle ngezikebe kuyo indawo e ya kumiswa uwe, ngi ya kotula imiti kona, nawe u ya kuyitata kona lapo; u ya kutokozisa inhliziyo yami ngokupa ukudhla kubo abendhlu yami.
10Kwa ku njalo ukuba uHiramu wa m nika uSolomona imiti yesedare, nemiti yefire njegentando yake.
11uSolomona wa m nika uHiramu izilinganiso e zi izinkulungwane ezi ngamashumi amabili, ukudhla kwabendhlu yake, neziliganiso ezi ngamashumi amabili zamafuta acocekileyo, njalo uSolomona wa mu pa uHiramu iminyaka yonke.
12uJehova wa m nika uSolomona ukuhlakanipa njengokutyo kwake kuye; ba be tandana oHiramu noSolomona; laba bobabili benza isivumelwano.
13uSolomona wa kipa izibalo kubaIsraeli bonke, amadoda a izinkulungwane ezimashumi amatatu.
14Wa wa tuma eLebanoni a izinkulungwane ezi ishumi, a pambane ngenyanga, a hlale inyanga inye eLebanoni, a buye a hlale izinyanga ezimbili ekaya, uAdoniramu wa busa izibalo lezo.
15uSolomona wa misa abatwalayo imitwalo aba izinkulungwane ezimashumi a isikombisa, nabagauli ezintabeni aba izinkulungwane ezi ngamashumi ashiyangalombili.
16Ngapandhle kwezinduna zezinceku zika Solomona, zona eza gcina umsebenzi, zi izinkulungwane ezintatu namakulu amatatu, eza zi busa labo abasebenzayo.
17Inkosi ya ba yala, bona ba kipe amatye amakulu, amatye a nemali, namatye abaziweyo, ukwaka izisekelo zendhlu.
18Abaki baka Solomona, kanye nabaki baka Hiramu ba wa baza, naba seGebeli; njalo ba lungisa imiti namatye ukwaka indhlu.