1UJOSIA wa qala ukubusa e neminyaka e isishiyagalombili, wa busa eJerusalema iminyaka e ngamashumi amatatu nanye.
2Wenza okulungileyo emehlweni ka Jehova, wa hamba ngezindhlela zika Davida uyise, a ka pambuka ngalapa na ngalapa.
3Ngokuba ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwake, e se mutya, wa qala uku m funa uTixo ka Davida uyise; na ngomnyaka weshumi nambili, wa qala ukususa eJuda neJerusalema izindawo ezipakamileyo, namahlati, nezitombe ezibaziweyo, nezitombe zebumba.
4Ba wapula amalati ka Bali e buka yena; nezitombe, e za zi ngapezu kwawo, wa zi gaula; namahlati, nezitombe ezibaziweyo, nezebumba, wa zapula, wa zenza utuli, wa lu fafaza pezu kwamatuna abo a e zi hlabela zona.
5Wa tyisa amatambo abapristi pezu kwamalati abo, wa hlanza iJuda neJerusalema.
6Wenze njalo nasemizini yakwa Manasa, noEfraimi, noSimeoni, nakuNaftali, namageja abo futi.
7Lapo e se wa bidhlizile amalati namahlati, e se zi gaulile nezitombe ezibaziweyo za ba utuli, e wisile nezitixo zonke kulo lonke izwe la seIsraeli, wa buyela eJerusalema.
8Kwa ti emnyakeni weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwake, e se li hlanzile izwe, nendhlu, wa tuma uShafani indodana ka Azalia, noMaseia umbusi womuzi, noJoa indodana ka Joahazi umlobi, ukulungisa indhlu ka Jehova uTixo wake.
9Lapo se be fikile ku Hilkia umpristi omkulu, ba m nika imali e ya letwa endhlini ka Tixo, e ya butwa ngamaLevi abalindi beminyango, esandhleni sika Manasa noEfraimi, nensali yonke yabaIsraeli, nalo lonke iJuda neBenjamini; ba buyela eJerusalema.
10Nabo ba i nika esandhleni sezisebenzi e za zi pezu kwendhlu ka Jehova, ba i nika izisebenzi e za zi sebenza endhlini ka Jehova, ukuilungisa indhlu;
11Ba i nika kwa ba qopayo nabakayo, ukutenga amatye abaziweyo, nemiti yokuhlanganisa, noku zi gandaya izindhlu e za bulawa amakosi a seJuda.
12Abantu ba wenza kahle umsebenzi lowo; naba be ba mela kwa ku nguJahati no Obadia, amaLevi, amadodana ka Merari; noZekeria noMeshulama, amadodana amaKohati, uku wu qubekisa; nabanye bamaLevi, bonke aba be kwazi uku beta izingumbu.
13Ba be mela nabatwali bemitwalo, be mela nabo bonke aba be sebenza; na kumaLevi kwaku kona abalobi, nezinduna, nabalindi.
14Lapo be i kipa imali e ya ngeniswa endhlini ka Jehova, uHilkia umpristi wa tola incwadi yomteto ka Jehova e nikwe nguMosi.
15uHilkia wa m pendula uShafani umlobi wati, Ngi i tolile incwadi yomteto endhlini ka Jehova, uHilkia wa m nika uShafani incwadi.
16uShafani wa i yisa enkosini incwadi, wa buyisa izwi enkosini, e ti, Konke okwa nikwa izinceku zako, ba kwenzile.
17Ba i butile imali e ya tolwa endhlini ka Jehova, ba i nika esandhleni sabameli, na sesandhleni sezisebenzi.
18uShafani umlobi wa e se i tyela inkosi, e ti, uHilkia umpristi u ngi nikile incwadi, uShafani wa i funda ngapambi kwenkosi.
19Kwa ti lapo inkosi i wezwile amazwi omteto, ya hxebula izingubo zayo,
20Inkosi ya yaleza uHilkia, no Ahikamu indodana ka Shafani, noAbdoni indodana ka Mika, noShafani umlobi, noAsaia inceku yenkosi, e ti,
21Hambani, ni ngi buzele kuJehova, kanye nensali yabaIsraeli nabaJuda, ni ngi buzele ngamazwi a tolwe ku lencwadi; ngokuba lukulu ulaka luka Jehova olu pezu kwetu, ngokuba obaba betu aba li bambanga izwi lika Jehova, ukwenza ngako konke oku lotyiweyo, ku lencwadi.
22uHilkia kanye nabo aba ketwa inkosi, ba ya kuHulda umprofetikazi umka Shaluma indodana ka Tikvate, indodana ka Hazra, umlindi wezingubo; (naye wa hlala eJerusalema endhlini yokufunda;) nabo ba kuluma nga lawo mazwi kuyena.
23Wa ba pendula wa ti, U tyo uJehova uTixo ka Israeli, M tyeleni umuntu o ni tumileyo kimi,
24U ti uJehova, Bheka, Ngi ya kuleta ububi pezu kwa lendawo, nabantu ba kona, nazo zonke izituko ezilotyiweyo encwadini a ba i fundileyo ngapambi kwenkosi ya seJuda;
25Ngokuba ba ngi delile mina, ba tyisela ezinye izitixo impepo, ukuba ba ngi vusele ngolaka ngemisebenzi yonke yezandhla zabo; ngako ulaka lwami lu ya kuteleka ku lendawo, lu nga cityi.
26Kodwa ngenxa yenkosi ya seJuda e ni tumileyo ukubuza kuJehova, ni ya kuti kuyona, u ti uJehova inkosi ka Israeli, ngamazwi o wa zwileyo wena;
27Ngokuba inhliziyo yako ya i tambile, nawe wa zitobisa kuTixo, lapo u zwayo amazwi ake nga lendawo, nabantu ba kona, wa zitobisa ngapambi kwami, wa hxebula nezingubo zako, wa kala ngapambi kwami; ngi ku zwile wena, u tyo uJehova.
28Bheka, ngo ku buta kokoko bako, wo ya etuneni lako ngokutula, namehlo ako a ka yi ku bona ububi e ngi ya ku bu letela lendawo, nabantu bakona. Ba li yisake izwi enkosini.
29Inkosi ya tuma ya buta zonke izikulu za seJuda ne za seJerusalema.
30Inkosi ya kupuka ya ngena endhlini ka Jehova, nabo bonke aba kwa Juda, naba seJerusalema, nabapristi, namaLevi, nabantu bonke, abakulu nabancane; ya wa funda ezindhlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano e ya tolwa endhlini ka Jehova.
31Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano ngapambi kuka Jehova, ukulandela uJehova, nokulonda izimemezelo zake, namazwi ake, nemiteto yake, ngenhliziyo yonke yake, na ngompefumulo wonke wake, nokuwenza amazwi esivumelwano a lotyiweyo ku lencwadi.
32Wenza ukuba bonke aba be kona ba seJerusalema nabaseBenjamini, ukuba beme ngaloko. NabaseJerusalema benza njengesivumelwano sika Tixo, uTixo wa oyise babo.
33uJosia wa susa zonke izinengiso ezizweni zonke zabantwana baka Israeli wenza ukuba bonke aba be kona e Israeli, ukukonza uJehova uTixo wabo. Na ngazo zonke izinsuku zake aba dedikanga ekulandeleni uJehova, uTixo wa oyise babo.