1NGAKO wena, mntanami, yiba namandhla ngomusa o kuKristu Jesu.
2Loku o ku zwileyo kimina, ku qiniswa ngofakazi abaningi, u ku beke kubantu abaqinisileyo, aba za kufanela ukufundisa abanye.
3Kutazela wena ekuhlupekeni njengebuto elihle lika Jesu Kristu.
4A ku ko muntu ohlaselayo o zibhabisa ngemisebenzi yokuhlala kwake lapa, a ze a be muhle komemayo impi.
5Kepa uma umuntu e ncintisana nabanye, ka hlotyiswa ngomqele e nga ncintisani ngokomteto.
6Umlimi o sebenzayo u fanele a qale a zuze izitelo.
7Qonda engi ku tyoyo; iNkosi a i ku nike ukuqonda ngako konke.
8Kumbula uJesu Kristu, owa vuka kwabafileyo, owenzalo ka Davida, njengevangeli lami;
9Engi hlupeka ngalo, ngi ze ngi botywe, njengowenzayo okubi; kepa izwi lika Tixo a li botyiwe.
10Ngaloku ngi ya bekezela kuko konke ngenxa yabaketiweyo, ukuze nabo ba zuze ukusindiswa oku kuKristu Jesu, kanye nobukosi obupakade.
11Li qinisile izwi lokuti, Uma si file njengaye, si ya kupila kanye naye;
12Uma si bekezela, si ya kubusa kanye naye: uma si m pika, naye u ya kusipika;
13Uma si nga qinisi, yena u ya kuhlala e qinisile; a nge zipike yena.
14U ba kumbuze loku, u ba yale pambi kweNkosi, ukuba ba nga pikisani ngamazwi nje, ku nga sizi luto, ku bedusa abezwayo.
15Qinisa u ziveze u be muhle kuTixo, u be isisebenzi esi nge nakujabiswa, esi labayo kahle izwi leqiniso.
16Kepa gwema ukukuluma oku ize; ngokuba ba ya kudhlula ba vame okubi.
17Izwi labo li ya kubiba njengesilonda; aba kubona oHumenio noFileto;
18Abedukile eqinisweni, be ti, ukuvuka kwabafileyo se ku dhlulile, ba cita ukukolwa kwabanye.
19Kepa isisekelo sika Tixo si mi si qinile, si na lolupau lokuti, iNkosi i ya bazi abayo; nokuti, A ba dele ekoneni bonke aba bizayo igama leNkosi.
20Kepake endhlini enkulu a zi ko izitya zegolide nezesiliva zodwa; zi kona nezemiti nezebumba; ezinye zomsebenzi omuhle, nezinye zomsebenzi omubi.
21Uma umuntu e zihlanza, a lahle lezi, u ya kuba isitya somsebenzi omuhle, esingcwele, esi m sizayo umninindhlu, esi lungiselwe imisebenzi yonke emihle.
22Kepa balekela izinkanuko zabatya, u lande ukulunga, nokuqiniseka, nokutanda, nokutula, kanye nabakulekayo eNkosini ngenhliziyo emhlope.
23Kepa xwaya imibuzo yobuula, e ize, wazi ukuti i banga ukupikisana.
24Ku i fanele inceku yeNkosi i nga piki inkani; a i be mnene kubo bonke, i fundisa, i bekezela ekuhlupekeni.
25I ba luleka ngenyewe abemelene naye, ukuba mhlaumbe uTixo a ba nike ukupenduka, ba ze bazisise iqiniso,
26Ba buye ba qonde, ba sinde ogibeni luka Satani, be bajiwe uye ukuba benze intando yake.