1UPAULE, umpostoli ka Jesu Kristu ngentando ka Tixo, ngokwesitembiso sokupila oku kuKristu Jesu.
2KuTimote, umntanami otandekayo; a ku be umusa, nobubele, nokutula, oku vela kuTixo uYise, na kuKristu Jesu iNkosi yetu.
3Ngi ya m bonga uTixo engi m konzayo njengokoko bami ngenhliziyo emhlope, loku ngi ku kumbula njalonjalo ekukulekeni kwami ebusuku na semini;
4Ngi fisa ukukubona, ngi kumbula izinyembezi zako, ukuze ngi gcwaliswe ukutokoza;
5Uma ngi kumbula ukukolwa kwako oku nge nakuzenzisa, a e nako kuqala unyokokulu uLoisi, nonyoko uUnike; ngi yetemba ngi ti u nako nawe.
6Ngako ngi ku kumbuza ukuba u vutele isipo sika Tixo, esi kuwe ngokubeka izandhla zami.
7Ngokuba uTixo a ka si nikanga umoya wobugwala; wa si nika owamandhla, nowokutanda, nowokuqonda.
8Ngako a u nga bi nazinhloni ngezindaba zeNkosi yetu, na ngami, isibotywa sayo, kepa hlanganyela nati ukuhlupeka ngenxa yevangeli ngokwamandhla ka Tixo,
9O si sindisile, wa si biza ngokubiza okungcwele; ka si bizanga ngemisebenzi yetu, kodwa wa si biza ngokubona kwake, na ngomusa, esa u piwayo ngaye uKristu Jesu, isikati si nga ka biko;
10Kepa se u bonakaliswe kaloku ngokubonakala komSindisi wetu uJesu Kristu, owa kwahlula ukufa, wa veza ukupila nokuhlala oku nge nakupela ngalo ivangeli;
11E nga bekelwa lona ummemezi, nompostoli, nomfundisi wezizwe.
12Ngaloku ngi ya hlupeka nga lezizinto; kodwa a ngi nazinhloni, ngokuba ngi ya m azi engi kolwa uye, ngi yetemba ngi ti, u namandhla okugcina engi ku bekileyo kuye ku ze ku fike lolosuku.
13Bambelela kuwo umboniso wamazwi aqinisileyo, o wezwayo kimi, ngokukolwa nokutanda oku kuKristu Jesu.
14Loku oku bekiweyo kuwe ku gcine ngoMoya o ingcwele o hlala kitina.
15U ya kwazi loku, ukuti, bonke aba seAsia ba ngi shiyile, aba kubona oFugelo noHermogene.
16iNkosi a i nike indhlu ka Onesiforo inhlanhla; ngokuba wa ngi tokozisa kaningi, wa e nge nanhloni ngokubotywa kwami.
17Kepa e se fike eRoma wa ngi funisisa kakulu, wa ngi fumana.
18iNkosi a i m nike ukuba a fumane inhlanhla eNkosini nga lolosuku. Konke ukungikonza kwake eEfesu u ya kwazi kakulu.