1YIZWANI izwi leli uJehova a li kulumileyo kinina, bantwana ba seIsraeli, kuwo umdeni wonke e ngi wu kupulile ezweni la seEgipite, ngi ti,
2Ngi nazile nina nodwa kuyo yonke imindeni yomhlaba; ngako ngo ni tyaya ngenxa yako konke ukonakalisa kwenu.
3Ababili ba nga hamba kanye uma be nga hlangene na?
4Ingonyama yo bodhla ehlatini uma i nge nampango na? ingonyama entya yo pumisa izwi layo emhumeni wayo uma i nga bambile luto na?
5Inyoni i nga wa esitiyweni emhlabatini uma isihibi si ngeko kuyo na? umuntu wo susa isitiyo emhlabatini e nga bambanga uluto na?
6Itilongo lo kaliswa emzini abantu ba ngetuki na? ko ba kona okubi emzini, ku ngenziwanga uJehova na?
7Kanti uJehova a ka yi kwenza uluto uma e nga bonisi imfihlakalo yake kuzo izinceku zake abazisi.
8Ingonyama i bodhlile, ubani o nga yi kwesaba na? iNkosi uJehova i kulumile, ubani o nga yi kwazisa na?
9Tyelani ezinqabeni za seAshdodi, na sezinqabeni zezwe la seEgipite, ni tyo ukuti, hlanganani ezintabeni za seSamaria, ni bone izinxokozelo ezinkulu pakati kwalo, nezinhlupo pakati kwalo.
10Ngokuba a ba kwazi ukwenza okulungileyo, u tyo uJehova, aba gcina ukwamuka nokupangiweyo ezinqabeni zabo.
11Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Si kona isita e si ya ku zungeza izwe; sona so wisa amandhla ako kuwe, futi zo pangwa izinqaba zako.
12Njalo u tyo uJehova; Njengaloko umalusi u kipa emlonyeni wengonyama imilenzi emibili, nenxenye yendhlebe; njalo amadodana a ka Israeli a hlezi eSamaria a ya kukitywa egumbini lombede, na seDamaseku pezu kwecansi.
13Yizwani ni qinise endhlini ka Jakobe, i tyo iNkosi uJehova, uTixo wamabandhla.
14Ukuba ngosuku e ngi pindisela ngalo isipambeko sika Israeli pezu kwake, ngo pindisela pezu kwamalati a seBeteli; ko ti izimpondo zelati zi nqunywe, zi we emhlabatini.
15Futi ngo tyaya indhlu yobusika nendhlu yehlobo; nezindhlu zopondo lwendhlovu zo citeka, nezindhlu ezinkulu zo pela, u tyo uJehova.