1SA penduka, sa hambela ehlane ngendhlela yolwandhle olubomvu, njengokuyaleza kuka Jehova kimina; sa haqa intaba iSira izinsuku eziningi.
2uJehova wa kuluma kimina, e ti,
3Ni i haqile intaba isikati eside; pendukani ni ye nga senyakato.
4Yityo kubantu, u ti, Ni ya kudhlula emnceleni wabafo wenu, abantwana baka Esau, abake eSira ba ya kunesaba; hlakanipanike nina nga loko;
5Ni nga ba tinti; ngokuba a ngi yi ku ni nika izwe labo, Qa, nelinga ngobubanzi bonyawo; ngokuba intaba iSira, ngi i nike uEsau ukuba a hlale kona.
6Ni ya kutenga ukudhla kubona ngemali, ukuba ni dhle; ni ya kutenga futi amanzi kubona, ukuba ni puze,
7Ngokuba uJehova uTixo wenu u ni busisile emisebenzini yonke yezandhla zenu; u ya kwazi ukudabula kwenu leli hlane elikulu; nga leminyaka engamashumi amane uJehova uTixo wenu kade e be nani, a ni putelwanga luto.
8Lapo sa dhlula kubafo wetu abantwana baka Esau, a ba be seSira ngendhlela yetafa lase Elate, na se Eziongebere, sa penduka sa dhlula ngendhlela yehlane lase Moabi.
9uJehova wa ti kimi, Musa ukuhlupa amaMoabi, musa ukulwa nabo; ngokuba a ngi yi ku ni nika izwe labo ukuba nake kona; ngokuba iAre ngi li nikile abantwana baka Loti ukuba ba hlale kona.
10AmaEmimu a hlala kona ngesikati esidhlulileyo, abantu abakulu, abaningi, nabade, njeng amaAnikime,
11Ba be iziqwaga nabo, njeng amaAnikime; kodwa amaMoabi a ba biza ngokuti amaEmimu.
12AmaHorime futi a e hlala eSira kuqala; kodwa abantwana baka Esau ba ba landela se be ba bulele ngapambi kwabo, ba hlala kona endaweni yabo; ngengokwenza kuka Israeli ezweni lake, a ba li piwe uJehova.
13Nga ti mina, Vukani, ni wele umfula iZerede, sa u wela umfula iZerede.
14Isikati e sa hamba ngaso si suka eKadesh-barnea, sa ze sa wela umfula iZerede, sa si iminyaka e ngamashumi amatatu neshiyagolombili; kwa ze kwa pela, onke amadoda ezizwe zokulwa esixukwini, njengokufunga kuka Jehova kubona.
15Ngokuba impela isandhla sika Jehova sa si bhekene nabo, ukubabulala esixukwini, ba ze ba fe bonke.
16Kwatike, e se bulewe, a pela onke amadoda okulwa kubantu.
17uJehova wa kuluma kimina, wa ti,
18Wena u ya kudabula iAre, umncela weMoabi, namuhla.
19Lapo u fika kubantwana baka Ammoni, u nga ba hlupi, u nga ba tinti; ngokuba a ngi yi kuninika ezweni labantwana baka Ammoni ukuba nake kona; ngokuba ngi li nikile abantwana baka Loti, ukuba bake kona.
20(Na lelo kwa ku tiwa izwe leziqwa ga; iziqwaga za zakile kona esikatini esidhlulileyo; namaAmmoni a ba biza ngokuti amaZamzuminu.
21Abantu abakulu, abaningi, nabade, njeng amaAnakime; kodwa uJehova wa ba bulala ngapambi kwabo; ba ba landela bona, baka kona endaweni yabo.
22Njengokwenza kwake kubantwana baka Esau, a be bakile eSira, ngokubulala kwake amaHori ngapambi kwabo; ba ba landela; baka kona endaweni yabo ku ze ku be namuhlanje.)
23NamaAvimu abe akile eHazerimu, na se Aza, amaKaforimu, a puma e Kaftore, a ba bulala, aka kona endaweni yabo.
24Vukani nina, ni hambe, ni wele umfula iArnoni; bhekani ngi ni nikile uSihoni uAmori, inkosi yase Heshbone nezwe lake; qalani ukwaka kulo, ni lwe naye empini.
25Namuhla ngi ya kuqala ukubeka ivuso lenu nokunisaba ezizweni zonke ezi ngapansi kwezulu ezi ya kuyizwa indaba yenu, ba tutumele, ba nesabe kakulu.
26Nga tuma izigijimi kuSihoni inkosi yase Heshbone, ngi sehlane lase Kedemoti, namazwi okutula, ngi ti,
27Ma ngi dhlule ezweni lako; ngi ya kuhamba ngomgwaqo omkulu, a ngi yi ku pendukela ngalapa na ngalapa.
28Ni ya kungitengela ukudhla ngemali, ukuba ngi dhle; ni ngi nike amanzi ngemali, ukuba ngi puze; ngi ya kudhlula ngezinyawo kodwa;
29(Njengokwenza kwabantwana baka Esau kumina aba hlala eSira, namaMoabi ake eAre;) ngi ze ngi li wele iJordani ngi fike ezweni e si li piwe uJehova uTixo wetu.
30Kodwa uSihoni inkosi yase Heshbone a ka si vumelanga ukuba si dhlule kuye; ngokuba uJehova uTixo wenu wa yenza lukuni inhliziyo yake, wa qinisela, ukuze a m nike ezandhleni zenu, njenga namuhla.
31Wa ti uJehova kimina, Bheka, ngi qalile ukunika uSihoni nezwe lake kinina; qalani ukwaka kulo, ni ze ni li dhle izwe lake.
32uShihoni wa e se si fikela ngempi, yena nabantu bonke bake, ukulwa nati eJahazi.
33uJehova uTixo wetu wa m nikela kitina; sa m bulala, namadodana ake, nabantu bonke bake.
34Sa tata yonke imizi yake ngalesosikati, sa wa qeda amadoda, nabesifazana, nezingane, emizini yonke, a si shiyanga muntu.
35Sa muka nezinkomo kupela, nempango yemizi sa i tata.
36A sa hlulwanga muzi, i loku sa suku eAroeri osebeni lomfula iArnoni, na semzini o nga semfuleni, sa ze sa fika eGiladi, uJehova uTixo wetu wa si nika konke.
37A ni fikanga ezweni labantwana baka Ammoni kupela nasendaweni e ngasemfuleni iJakobe, nasemizini e sezintabeni, na kuzo zonke izindawo e salelwe nazo uJehova uTixo wetu.