1BANTWANA, lalelani abazali benu oNkosini; ngokuba loku ku lungile.
2Hlonipa uyihlo nonyoko; loku ku umyalo wokuqala o nesitembiso,
3Ukuba ku be kuhle kuwe; u hlale kade emhlabeni.
4Nani, boyise; ni nga tukutelisi abantwana benu; ni bondhle ngokulungisa na ngokuyala kweNkosi.
5Zisebenzi, lalelani amakosi enu ngokwenyama, nesabe ni tutumele ngenhliziyo i benye, kungati ku kuKristu;
6Ni nga konzi ngobuso, njengabatokozisa abantu, kodwa njengezisebenzi zika Kristu, nenza intando ka Tixo ngenhliziyo;
7Ni konze ngokutanda, kungati ni konza iNkosi, ni nga konzi abantu;
8Nazi ukuti, konke okuhle, ilowo a kwenzayo, u ya kupiwa kona iNkosi, noma e isigqili, noma e ngokululekileyo.
9Nani, makosi, yenzani njalo kuzona, ni yeke ukuzisongela; nazi ukuti, neyenu iNkosi i kona ezulwini; a ku ko kuyo ukuketa abantu.
10Njalo, bazalwane bami, qinisani eNkosini, na semandhleni amakulu ayo;
11Hlomani izikali zonke zika Tixo ukuba ni be namandhla okumelana nobuqili buka Satani.
12A si bambene nenyama negazi, si bambene nemibuso, namandhla, ngi tyo amakosi ezwe a busayo ebumnyameni lobu, nomoya ababi pezulu.
13Ngakoke hlomani izikali zonke zika Tixo, ni ze ni be namandhla okuma osukwini olubi, ni ti se ni kwahlulile konke ni me.
14Yimani ngako, izinkalo zenu zi botyiwe ngeqiniso, ni hlomile esifubeni isigcino sokulunga;
15Izinyawo zenu zi botyiwe ngokuhlelwa kwevangeli lokutula;
16Ku nako konke loku, ni hlome isihlangu sokukolwa, eni ya kuba namandhla okucima ngaso yonke imikonto etyisayo yomubi;
17Ni samkele isigqoko sokusindisa, nenkemba ka Moya, e izwi lika Tixo;
18Ni kuleke ngezikati zonke kuye uMoya ngako konke ukukuleka nokunxusa, ni linde loku ngesineke sonke nokunxusela abangcwele bonke.
19Ni ngi nxusele nami, ukuba ngi piwe amandhla okushumayela, ngi vule umlomo wami ngi ze ngi yazise ngesibindi imfihlo yevangeli,
20Engi isitunywa esibotyiweyo ngalo, ukuba ngi li shumayele ngesibindi, njengokuba ku fanele ngi shumayele.
21Kodwa ukuba nani ni hlale nazi okwami, nengi kwenzayo, uTikiku, umzalwane otandekayo, isikonzi esikolekayo eNkosini, u ya kunazisa konke;
22Ngi m tumile kini ngaloku, ukuba ni kwazi okwetu, nokuba a zi tokozise izinhliziyo zenu.
23Ukutula a ku be kubazalwane, notando, nokukolwa oku vela kuTixo uyise na kuyo iNkosi uJesu Kristu.
24Umusa a u be kubo bonke aba i tandayo iNkosi yetu, uJesu Kristu ngesiminya. Ameni.