1NGOKUBA uMelkisedeki lowo, inkosi ya seSalemi, umpristi ka Tixo o pezu kwako konke, o wa m hlangabeza uAbrahama e buya kubulala amakosi, wa m busisa.
2uAbrahama wa m abela okweshumi kuko konke; u tiwa kuqala ngokukumshwa, Inkosi yokulunga; ngasemva kwa loko, Inkosi ya seSalemi, okuti, Inkosi yokutula;
3E nge nayise, e nge nanina, e nge nakoko, e nge nakuqala kwezinsuku, e nge nakupela kokupila; kepa u ya fana neNdodana ka Tixo, u umpristi njalo.
4Qondani ukuba wa e ngakanani lomuntu, o wa piwa uAbrahama ukoke okweshumi kwa loko a ku dhlayo.
5Aba ngamadodana ka Levi, abamkeliswa ubupristi, ba yalwa ngomteto ukutabata okweshumi kubantu, ngi tyo aba kubo, noma be pume okalweni luka Abrahama;
6Kepa yena e nga velanga kubo ngokuzalwa; wa tabata okweshumi kuAbrahama, wa m busisa yena o wa e nesitembiso.
7A ku nakupikiswa loku, ukuti omncinyane u ya busiswa omkulu.
8Lapa abantu abafayo ba tabata okweshumi; kepa lapo wa ku tabata yena oku qiniswa ngaye ukuti, u kona.
9Futi, ngi nga tyo ukuti, uLevi, o wa tabata okweshumi, wa tela okweshumi ngaye uAbrahama.
10Ngokuba wa e sokalweni luka yise, msukwana uMelkisedeki wa hlangana naye.
11Ngakoke uma ukupelela kwa ya ngobupristi buka Levi, (ngokuba abantu ba piwa umteto nga lobobupristi,) kwa dingekelani ukuba ku vele omunye umpristi, e ngokuma kuka Melkisedeki, e nga tiwa umpristi ngokuma kuka Aroni?
12Ngokuba, uma ku pendulwa ubupristi, ku dingeka ku pendulwe nawo umteto.
13Kepa yena oku shunyayelwa ngaye loku, wa e ngowesinye isizwe, e nge ko kuso umuntu o konzileyo elatini.
14Ngokuba ku sobala ukuti, iNkosi yetu ya vela kuJuda ngokuzalwa; isizwe uMosi a nga tyongo luto ngobupristi baso.
15Ku sobala kakulu, loku ku vela omunye umpristi e ngokuma kuka Melkisedeki,
16O nga velanga ngomteto womyalo o ngokwenyama; wa vela ngamandhla okupila okungapeliyo.
17Ngokuba ku qiniswa, ku tiwa, Wena u ngumpristi ku ze ku be pakade ngokuma kuka Melkisedeki.
18Umyalo wokuqala u ya pela, ngokuba u butakataka, a u sizi luto.
19Umteto a u lwenzanga uto lu pelele; kepa kwa ngeniswa itemba elihle, esi sondela kuTixo ngalo.
20Futi, loku e nga bekwanga umpristi ngapandhle kokufunga;
21(Ngokuba labo ba bekwa abapristi ngapandhle kokufunga; kepa yena wa bekwa ngokufunga, wa bekwa uye o wa tyo kuye, wa ti, iNkosi ya funga, a i yi kupenduka, ya ti, Wena u ngumpristi ku ze ku be pakade ngokuma kuka Melkisedeki;)
22Ngaloku uJesu u ngumqinisi wesivumelwano esihle ku nesokuqala.
23Labo ba be baningi aba bekwa abapristi; ngokuba ba nqatyelwa ukufa ukuba ba hlale njalo;
24Kepa yena, ngokuba e hlala ku ze ku be pakade, u nobupristi obunganqamukiyo.
25Ngaloku u namandhla impela okubasindisa abezayo kuTixo ngaye, loku e pila njalo ukubamela.
26Wa si fanela umpristi omkulu onje, o ingcwele, omnene, o nge nasono, o nga hlangene nezoni, opakamileyo ku nezulu;
27O nga dingi imihla ngemihla, njenga labobapristi, ukunikela iminikelo, be qala ba i nikela ngezono zabo, bandu kuinikela ngezono zabantu; ngokuba wenza loko kanye kupela, lapo wa zinikela yena.
28Ngomteto abantu ababutakataka ba bekwa abapristi abakulu; kepa ngezwi lokufunga, oku ngasemva komteto, ku bekwa iNdodana, i pelele ku ze ku be pakade.