1TUMANI ixwani kuye umbusi wezwe li suke eSela li ye li fike ehlane, entabeni yendodakazi ya seZioni.
2Ko ba njengenyoni ezulayo, e kitywe esidhlekeni sayo, njalo amadodakazi a seMoabi a ya kuba njalo emazibukweni a seArnoni.
3Hlanganani, nenze okulungileyo, yenza isitunzi sako si be njengobusuku bu vele emini; ni tukuse abaxotyiweyo; ni nga m bambi ozulazulayo.
4Abantyingiweyo bami ma ba hlale nawe, Moabi; u be isivikelo ku bona nga kubo ubuso bompangi; ngokuba a ka seko umhlupi, nompangi ka seko, aba hlupayo ba qediwe ezweni.
5Na ngomusa isihlalo sobukosi si ya ku miswa; naye u ya kuhlala pezu kwaso ngokulunga endhlini ka Davida, ehlulela, e funa ukwahlulela, e tyetyisa ukulunga.
6Si zwile ngokuzidhla kuka Moabi; u ya zidhla kakulu, nokuzikukumeza kwake, nokuzidhla kwake nolaka lwake; kodwa amanga ake a i kuma.
7Ngako iMoabi li ya kububulela iMoabi, bonke ba ya kububula; ngenxa yezimiso ze Kirhareseta ni ya kulila; impela ba hlutyiwe.
8Ngokuba amasimu eHeshbone a bunile, nevini leSibma; Amakosi abezizwe a yapulile imiti yakona, a fikile na ku Jazeri, a li zulile ihlane; amagatya alo elulekile, a lu welile nolwandhle.
9Ngako ngi ya ku li kalela ivini la seSibma ngokukala kuka Jazeri; ngi ya ku ku consela ngezinyembezi zami, wena Heshbone, noEleale, ngokuba ukujabula kwezitelo zenu zehlobo, nokuvuna kwenu, ku pelile.
10Nokujabula ku susiwe, nenjabulo ensimini evundileyo; nasezivinini a ku i ku bako ukuhlabelela, nokumemeza; abanyatelayo a ba sa yi kulinyatela iwaini ezikamweni zabo; ngi i pezisile injabulo yabo ya loko.
11Ngako izibilini zami zi ya kuzwakala njengogumbu ngenxa ka Moabi, nokupakati kwami ngenxa ka Kir-hareshi.
12Ko ti lapo se ku bonakele ukuba iMoabi li katele endaweni epezulu, u ya ku fika a tandaze endaweni yake e ingcwele; kepa a ka i kwahlula.
13Ileli izwi ela kulunywa uJehova ngeMoabi ngasemva kwaleso sikati.
14Kodwa manje uJehova u kulumile, e ti, olu nga ka dhluli iminyaka emitatu, njengeminyaka yokokelwayo, udumo luka Moabi lu ya kuqedwa, kanye naso sonke lesosixuku esikulu, nensali i ya kuba ncane kakulu, i be butakataka, kakulu.