1BHEKA, uJehova u wenza ize umhlaba, u ya wu cita, u ya wu guqula, u sakaza nabantu bawo.
2Ko tike, njengabantu ku be njalo na kumpristi: na njengenceku ku be njalo na senkosini yayo; na njengencekukazi ku be njalo na kuyo inkosikazi yayo; na njengomtengi ku be njalo na ko tengisayo, na ko tyelekayo ku be njalo na ko tengisayo, na ko tyelekayo ku be njalo na kumtyeleki, na ku yena o necala, ku be njalo na ko necala kuyena.
3Izwe li ya kuba ize nempela, li be incitakalo nempela; ngokuba uJehova u li tyilo lelizwi.
4Umhlaba u ya kala u ya buna, izwe li ya dangala li ya buna, abaziqenyayo bomhlaba ba dangele.
5Izwe li ngcoliswe ngabahamba kulona; ngokuba ba yapulile imiteto, ba si pendulile isimo, ba sa pulile isivumelwano e si ma njalo.
6Ngako ukuqalekisa ku wu ngenele umhlaba nabo aba kulo ba citekile; ngako abantu bomhlaba ba tyisiwe, ba incozana aba seleyo.
7Iwaini elitya li ya kala, isivini si dangele, bonke aba nhliziyo i tokozayo, ba ya bubula.
8Injabulo yamatilongo i pelile, umsindo wabo abajabulayo u pelile, injabulo yogumbu i pelile.
9A ba i ku li puza iwaini ngenjabulo; okubukali ku ya baba kubo aba ku puzayo.
10Umuzi wencitakalo u bidhliziwe; zonke izindhlu zi valiwe, ku nga ngeni muntu.
11Ku kalelwa iwaini ezitaladini, yonke injabulo i fihlakele, injabulo yezwe i mukile.
12Emzini ku sele incitakalo, nesango se lapuliwe nempela.
13Ku be njaloke ngapakati kwabantu ezweni, ku ya kuba njengokuzamazama komgwenya, nokuvuna kwezivini lapo se ku vuniwe.
14Ba ya kuvusa izwi labo, ba hlabelele ubukosi buka Jehova, naba selwandhle ba kale ngamandhla.
15Ngakoke dumisani uJehova ni sezinhlupekweni, negama lika Jehova uTixo ka Israeli eziqingini zolwandhle.
16Si zi zwile izihlabelelo ezi vela na sekugcineni komhlaba, udumo kwabalungileyo. Kodwa nga ti mina ukuzaca kwami ukuzaca kwami, maye kimina, abakohlisi ba kohlisile, abakohlisi ba kohlisile kakulu.
17Ukwesaba, nomgodi, nesihibe, si pezu kwako, wena o hleziyo emhlabeni.
18Ko ti yena obalekela umsindo wokwesaba, u ya kuwela emgodini; naye o pumayo ngapakati komgodi, u ya kubajwa esihibeni; ngokuba izibuko zapezulu zi vuliwe, nezisekelo zomhlaba zi ya zamazama.
19Umhlaba wapukile impela, umhlaba u ncibilikile impela, umhlaba u zamazamisiwe impela kakulu.
20Umhlaba u ya kutengezela njengesidakwa, u qubekiswe njengendhlu, nesono sawo si sinde pezu kwawo; u we u nga be u sa vuka.
21Ko ti ngalololusuku, uJehova u ya kutyaya isixuku sabakulu aba pezulu, namakosi omhlaba pezu komhlaba.
22Ba butiwe ndawonye, njengezibotywa zi butwa emgodini, ba valelwe endhlini yokubotyelwa, na ngemva kwezinsuku eziningi ba ye ku bonwa.
23Nenyanga i dinge, nelanga li jabe, lapo uJehova wamabandhla u ya ku busa entabeni iZioni na seJerusalema, na ngapambi kwabadala bake ngobukosi.