1JEHOVA, wena u nguTixo wami, ngi za kukukulisa wena, ngi za kulidumisa igama lako; ngokuba u zenzile izinto ezi isimangaliso; iziyalezo zako ezidala zi ukulunga neqiniso.
2Ngokuba u wu citile umuzi wa wenza inqwaba, nomuzi obiyelweyo wa wenza incitakalo; nendhlu endhle yezihambi i nga bi iwo umuzi: u nga be u sakiwa nakanye.
3Ngako abantu aba namandhla ba ya kukudumisa wena, umuzi wezizwe ezesabekayo zi kwesabe wena.
4Ngokuba wena wa u ngamandhla kwabampofu, amandhla kodingayo ekuhlupekeni kwake, inqaba kuso isivunguvungu, isitunzi elangeni, lapo ukutukutela kwabo abasabekayo ku fana nesivunguvungu ngasodongeni:
5U ya ku wehlisa umsindo wabezihambi, njengelanga endaweni eyomileyo: nelanga li netunzi lefu: igatya labesabekayo li za kuletwa pansi.
6Na kuyo lentaba uJehova wamabandhla u ya kwenzela abantu bonke isidhlo sokukulupeleyo, nokudhla kwewaini li senzikini okukulupeleyo ku gcwele umkantya, newaini li senzikini li lihle.
7A bulale futi ku lentaba okumbozayo ubuso kubantu bonke, nolembu olu sibekele izizwe zonke.
8A gwinye ukufa ngokunqoba; noJehova uTixo e sule izinyembezi kitina sonke ebusweni; a suse nokweisa kwabantu bake emhlabeni wonke; ngokuba uJehova u ku tyilo.
9Ko tiwa ngolololusuku, Bheka, nangu uTixo wetu; si m hlalele, naye u ya ku si sindisa: ilowo uJehova; si m hlalele, si za kujabula si tokoze ekusindiseni kwake.
10Ngokuba isandhla sika Jehova si ya kupumula kulentaba, neMoabi li ya ku nyatelwa pansi, njengotyani obu nyatelwa bu be umquba.
11Naye u ya kuzelula izandhla zake ngapakati kwabo, njengokwelula kwake izandhla ohlambayo; a tyonise pansi ukuzidhla kwabo kanye nempango yezandhla zabo.
12A wise pansi nenqaba yezindonga zabo ezinde a lete emhlabatini nempela, na sotulini.