1KWA ti uHezekia inkosi, e se zwile loku, wa dabula izingubo zake, wa zembesa indwangu yamasaka, wa ngena endhlini ka Jehova.
2Wa tuma uEliakimu, owa e umbonisi wendhlu, noShebna umlobi, namalunga kubapristi ba zembesa indwangu yamasaka, ba ya kuIsaya umprofeti indodana ka Amozi.
3Ba ti kuye, U tyo loku uHezekia ukuti, Namhla usuku lokuhlupeka, nolokusola, nolokweisa; ngokuba se si fikile isikati sokubeleta izingane, kepa a wako amandhla okubeleta.
4Mhlaumbe uJehova uTixo wako u ya kuzwa amazwi aka Rabsheka o tunywe inkosi ya seAsiria inkosi yake ukuba a jivaze uTixo opilayo, a wa sole amazwi uJehova uTixo wako a we zwileyo: ngako pakamisa ukukuleka ngensali eseleyo.
5Izinceku zika Hezekia inkosi zenza njalo kuIsaya.
6uIsaya wa ti kuzo, Ni ya kutyo enkosini yenu ukuti, U tyo uJehova loku ukuti, U nga wesabi amazwi owezwileyo, ezinceku zenkosi ya seAsiria ezi ngi gangele ngawo.
7Bhekake, ngi ya kutuma umoya kuyo, i ya kuzwa udumo, i buyele ezweni layo; ngi ya kuyenza i we ngenkemba ezweni layo.
8uRabsheka wa buya njalo, wa i fumana inkosi ya seAsiria i lwa eLibna: ngokuba u be zwile ukuba i si mukile eLakishi.
9I bi zwile ukuba ku kulunywa ngoTirhaka inkosi ya sEtiopia ngokuti, u yeza ukulwa nayo. Ngokuzwa kwake loko, wa tuma izigijimi kuHezekia, e ti,
10Ni ya kukuluma loku kuHezekia inkosi ya seJuda, ukuti, Ma u nga kohliswa uTixo wako, o metembayo ngokuti, iJerusalema a li yi kunikelwa esandhleni senkosi ya seAsiria.
11Bheka, u zwile okwenziwe amakosi a seAsiria kuwo onke amazwe ngokuwabubisa nya; u ya kusindiswa wena na?
12Otixo bezizwe ba ba sindisa ini laba aba bujiswa okoko bami, ngi tyo uGozana, noHaranu, noRezefi, naba seEdene aba be hlala eTelasa na?
13Ipi inkosi ya seHamati, nenkosi ya seArpade, nenkosi yomuzi o seSefarvami, noHena noIva na?
14uHezekia wa yamkela lencwadi esandhleni sezigijimi, wa i funda: uHezekia wa kupukela endhlini ka Jehova, wa yambula pambi kuka Jehova.
15uHezekia wa kuleka kuJehova, e ti,
16Jehova wamabandhla, Tixo ka Israeli, wena o hlala emkatini wamakerubi, u wena o nguTixo, wena wedwa, wemibuso yonke emhlabeni: wenza izulu nomhlaba.
17Nga u beka indhlebe yako Jehova, u zwe; u vule amehlo ako, Jehova, u bone: u zwe onke amazwi aka Senakeribe, o wa tumile ukujivaza uTixo opilayo.
18Ngeqiniso, Jehova, amakosi a seAsiria a citile izizwe zonke, namazwe azo.
19A ponsile otixo bazo emlilweni: ngokuba be nge sibo otixo, ba be umsebenzi wezandhla zabantu, imiti namatye: ngaloko a ba citile.
20Ngako Jehova, Tixo wetu, ma u si sindisa kaloku esandhleni sake, ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuba wena u nguJehova uwe wedwa.
21Kona uIsaya indodana ka Amozi wa tuma kuHezekia ngokuti, U tyo uJehova uTixo wabaIsraeli u ti, Njengaloku u kuleke kimina ngoSenakeribe inkosi ya seAsiria:
22Nanti izwi uJehova u kulumile ngaye, lokuti Intombi, indodakazi ya seZioni, i ku delile, i ku hleke usulu; indodakazi ya seJerusalema ya nqakuza ikanda ngakuwe.
23U ngubani o m jivazileyo o gange ngaye na? U ngubani o pakamisile izwi lako ngaye, u bhekesise amehlo pezulu na? Ku ngo ingcwele ka Israeli.
24U jivazile uJehova ngezinceku zako, wa tyo ukuti, Ngobuningi bezinqola zami ngi fikile ekupakameni kwezintaba, emacaleni eLebanoni; ngi ya kugaula imisedare yalo emide, nemiberoshi yalo emihle: ngi ya kungena ekupakameni komkaulo walo, na sehlatini leKarmeli lalo.
25Ngi mbile, ngi puzile amanzi; ngonyawo lwami ngomisile imifula yonke yezindawo ezihaqiweyo.
26A u zwanga ini kade, ukuba imina engi kwenzileyo; ukuba nga ku misa ekadeni? kaloku ngi kwenzile, ukuba wena u ya kucita imizi e izinqaba i ze i dilike.
27Ngako aba kuyo ba be namandhla a incozana, ba saba ba tutumele: ba be njengotyani ba sendhle, njengesimilo esiluhlaza, njengotyani obu pezu kwendhlu, njengamabele atyisiweyo e nga ka kuli.
28Kepa ngi yazi ukuhlala kwako, nokupuma, nokungena kwako, kanye nokuvukela kwako nga kimi.
29I loko ukungivukela kwako, nokufuta kwako, ku zile ezindhlebeni zami, ngako ngi ya kufaka insimbi ekaleni lako, nesifonya ezindebeni zako, ngi ya kukubuyisela emva ngendhlela o bu vele ngayo.
30Loku ku ya kuba isibonakaliso kuwe, Nonyaka ni ya kudhla okuzimilelayo; nonyaka ozayo ni dhle okuhlumayo kuloko: ngonyaka wesitatu hlwayelani, ni vune, ni tyale izivini, ni dhle izitelo zazo.
31Nensali esindileyo yendhlu ya kwaJuda i ya kubuya i gxile pansi impande, i tela izitelo pezulu.
32Ngokuba i ya kuvela eJerusalema insali, nabasindileyo entabeni eZioni: ukufudumala kuka Jehova wamabandhla ku ya kwenza loko.
33Ngako, u tyo uJehova ngayo inkosi ya seAsiria, ukuti A i yi kuza emzini lo, i ponse umcibityelo kona, i ngeze kona i pete izihlangu, i nga lwenzi utango ngakuwo.
34Ngendhlela e bi ze ngayo, i ya kubuya i muke ngayo, i nga ngeni emzini lo, u tyo uJehova.
35Ngokuba ngi ya kuvikela lomuzi ngi ya kuwusindisa ngenxa yegama lami, na ngenxa yenceku yami uDavida.
36Kona ingelosi ka Jehova ya puma, ya tyaya ekamu lamaSiria izinkulungwane ezi ikulu namashumi ashiyagalombili nanhlanu: kwa ti lapo be vuka kusasa, nampa, ba izidumbu bonke.
37Njalo uSenakeribe inkosi ya seAsiria we muka, wa buyela emva, wa hlala eNineva.
38Kwa ti, e sa kuleka endhlini ka Nisroke, isitixo sake, uAdrameleka noShareze amadodana ake ba m tyaya ngenkemba; ba balekela ezweni la seArmenia: uEsarhadona indodana yake ya busa endaweni yake.