1NGALESOSIKATI uMerodakabaladane indodana ka Baladane, inkosi ya seBabulona, wa tuma izincwadi nesipo kuHezekia: ngokuba e zwile ukuba u be e gula, wa sinda.
2uHezekia wa tokoza ngazo, wa ba bonisa indhlu yamagugu ake, isiliva, negolide, nezixuvo, namafuta a nenani, nendhlu yonke yezikali, nako konke okufunyaniswa emagugwini ake: kwa ku ngeko into endhlini yake, na sembusweni wake wonke, uHezekia a nga ba bonisanga.
3Kona uIsaya umprofeti we za kuHezekia inkosi, wa ti kuye, Lababantu ba be tini na? Ba vela ngapi ukuze be ze kuwe na? Wa ti uHezekia, Ba vela ezweni eli kude, kona le eBabulona, be ze kimi.
4Anduba a ti, Ba boneni endhlini yako na? uHezekia wa pendula wa ti, Ba bonile konke oku sendhlini yami: a ku konto emagugwini ami e ngi nga ba bonisanga yona.
5Kona uIsaya wa ti kuHezekia, Yizwa izwi lika Jehova wamabandhla.
6Bheka lu yeza usuku, lapo konke oku sendhlini yako, nako oku godhliweyo oyihlo ku ze ku be namhla, ku ya ku yiswa eBabulona: ku nge sale luto, ku tyo uJehova.
7Amadodana ako a ya kupuma kuwe, o ya kuwazala, ba ya kuwatata: a ya kuba izinceku eziteniweyo esigodhlweni senkosi ya seBabulona.
8uHezekia wa se e ti kuIsaya, Li lungile izwi lika Jehova o li tyiloyo. Wa tyo futi nokuti, Ku ya kuba kona ukutula neqiniso ngesikati sami.