1PUMANI eJerusalema nina bantwana baka Benjamini, ni baleke, ni tyaye itilongo eTekoa, ni mise isiboniso eBetihakeremi, ngokuba ku ye za okubi, ku vela enyakato, nokucita okukulu.
2Wena Ndodakazi ka Zioni, u idhlelo, eli patwa kahle.
3Abalusi ba ya kuza kuyo nemihlambi yabo, ba ya kumisa otente babo ngakuyo inxa zonke, baluse ilowo endaweni yake.
4Lungiselani ukulwa nayo; sukani, senyuke emini; nako kitina, ngokuba ilanga li pendukile, a ya geba amatunzi okuhlwa.
5Sukani, senyuke ebusuku, si cite izigodhlo zayo.
6Ngokuba u tyo uJehova wamabandhla u ti, Gaulani imiti yayo, ni biyele iJerusalema ngotango; iwo umuzi o za kutyaywa; ku kona ukuhlupa kodwa kuwo.
7Njengomtombo u mpompoza amanzi, kunjalo nawo u mpompoza ukona kwawo; ku zwakala kuwo ukupanga nokucita, ku kona ukufa, namanxeba pambi kwami njalonjalo.
8A ku lulekwe, Jerusalema, funa inhliziyo yami i ku dele; funa ngi kwenze u be ihlane, izwe eli ngakiwe muntu.
9U tyo uJehova wamabandhla u ti, Ba ya kukotoza insali ka Israeli njengevini; buyisa isandhla sako njengomvuni e si buyisela ezimbengeni.
10Ngi ya kukuluma kobani, ngi qinise, ba ze bezwe? bheka, indhlebe yabo a i sokile, ba nge lalele; bheka, izwi lika Jehova li jivazwa ibo, a ba li tandi.
11Ngi gcwele ulaka luka Jehova; ngi katele ukuzitiba; lu tele kubantwana ngapandhle na sebandhleni lezinsizwa kanyekanye; indoda i ya kutatyatwa kanye nomkayo, omdala naye opele ngezinsuku.
12Izindhlu zabo zi ya kunikelwa kwabanye, amazwe abo nabafazi babo kanyekanye, ngokuba ngi ya kuselulela isandhla sami kubantu ba lelizwe, u tyo uJehova.
13Ngokuba be panga bonke, abancinyane nabakulu; abaprofeti nabapristi, ba ya kohlisa bonke.
14Ba sindisa kancane ingozi yendodakazi yabantu bami, be ti, Ukutula, ukutula, kepa a ku ko ukutula.
15Ba nga ba namahloni, ngokuba benzile okuzondekayo, kepa a ba nawo amahloni nakanye, a ba kwazi ukujaba; ngako ba ya kuwa nabawayo, ngesikati sokubahambela kwami, ba ya kukubeka, u tyo uJehova.
16U tyilo uJehova wa ti, Yimani ezindhleleni, ni bheke, ni buze izindhlela za sendulo, ukuba i ipi indhlela elungileyo, ni ze ni hambe ngayo, ni tolele imipefumlo yenu ukupumula; kepa ba ti, A si yi kuhamba ngayo.
17Nga ni misela abalindi, ngi ti, Lalelani ukukala kwetilongo; kepa ba ti, A si yi kulalela.
18Ngako yizwani, nina zizwe; yazi, wena inhlangano, ukuba ku intoni pakati kwenu.
19Yizwa, mhlaba! Bheka, ngi zisa okubi ku lababantu, izitelo zamacebo abo, ngokuba be nga lalelanga amazwi ami, nomteto wami, ba u delela.
20Ngi nomsebenzi muni nempepo e vela eSheba, nekane elihle eli vela ezweni eli kude? iminikelo yenu yokutya a i tandeki, nemihlatyelo yenu a i mnandi kimi.
21Ngaloko u tyo uJehova u ti, Bheka, ngi ya ba bekela lababantu izikubekiso, oyise namadodana ba ya kukubeka ndawonye pezu kwazo; abakeleneyo ba ya kufa.
22U tyo uJehova u ti, Bheka, ku ye za abantu be vela ezweni la senyakato, isizwe esikulu si puma emikaulweni yomhlaba.
23Ba ya pata umcibityelo nomkonto; ba nonya, be ngenamusa; umsindo wabo u dumisa okolwandhle, ba kwele emahashini, be hleliwe njengabantu be hlelelwe ukulwa, ba hlasela kuwe, ndodakazi ya seZioni.
24Si zwile udumo lwabo; izandhla zetu zi butakataka, si banjwa izinsizi, nobuhlungu njengomfazi obeletayo.
25Ni nga pumeli endhle, ni nga hambi endhleleni, ngokuba ku kona isinkemba sesita nokwesabeka inxa zonke.
26Ndodakazi yabantu bami, gqoka indwangu yamasaka, u bukuzeke emloteni; yenza isililo njengesomtwana o yedwa, ukukala okubabayo, ngokuba umpangi u ya kusizuma.
27Ngi ku bekile u be umlingi ebantwini bami, aba itye legolide, ukuba wazi u linge indhlela yabo.
28Bonke ba ngabahlubuki abakulu, abahlebi, itusi nensimbi; bonke ba ngabacitayo.
29Imfuto i ya tya, ku puma umtofu emlilweni wayo; umncibilikisi u ya ncibilikisa ngeze; ababi a ba kitywa.
30Ku tiwa ba isiliva elidelelekileyo, ngokuba uJehova e ba delele.