1UJEHOVA wa pendula uJobe e sesivunguvungwini wa ti,
2Ubani lo o putisa icebo ngamazwi a nge nakuqonda?
3Bopake ukalo lwako njengendoda ngokuba ngi za kukubuza, u ngi pendule.
4Wa u pi lapo ngi beka izisekelo zomhlaba na? yityo, uma u nokuqonda.
5Ubani o wa beka izilinganiso zawo uma wazi na? ubani o welula intambo pezu kwawo na?
6Izisekelo zawo za qiniswa pezu kwani na? ubani o wa beka itye legumbi lawo na?
7Lapo izinkanyezi zokusa za hlabelela kanye, kwa ti amadodana onke aka Tixo e nanela ngokujabula?
8Ubani o wa valela ulwandhle ngeminyango lapo lwa boboka se nga ti lu puma esiswini?
9Ngenza ifu li be isivato salo, nobumnyama obunzima bu be imbeleko yalo;
10Nga li misela umteto wami nga misa imivalo neminyango.
11Nga ti, u ya kugcina lapa, u nga dhluli na lapa, ukukukumala kwamanzi ako ku ya kupela.
12Se loku wa zalwa wa ke wa tyo ukuba ku se, wazisa ukusa indawo yako.
13Ukuba ku bambe imikaulo yomhlaba ababi ba vutululwe kuwo.
14U guqulwa njengebumba pansi kwesicindezelo; konke ku ma njengesivato.
15Kwababi ukukanya ku ya vinjelwa nengalo e pakamileyo i ya kwapulwa.
16U ngenile emitonjeni yolwandhle na? kuko u hambile ukufuna ukujula na?
17Amasango okufa wa wa vulelwa na? kuko wa bona iminyango yetunzi lokufa na?
18Nobubanzi bomhlaba u bu qondile na? yityo uma u kwazi konke.
19I yipi indhlela e hlala ukukanya na? nobumnyama ipi indawo yabo na?
20Ukuba a ku yise emikaulweni yako na? nokuba wazi izindhlela za sendhlini yako na?
21U kwazi ngokuba wa se u zelweke na? kuko i ngokuba umumo wezinsuku zako umkulu na?
22U ngenile ezingosini zika ngqoqwane na? kuko u bonile izingosi zesiqoto na?
23E ngi ku bekele isikati sosizi nosuku lokulwa nempi na?
24I yipi indhlela yokwahlukana kokukanya, na lapo umoya wa sempumalanga u citeka kona emhlabeni na?
25Ubani o wa hlukanisa indhlela yokugoboza kwamanzi nendhlela yonyazi lokuduma na?
26Ukunisa imvula emhlabeni lapo ku ngeko muntu na sehlane e li nge namuntu.
27Ukusutisa izwe eli ze eli putileyo, nokwenza ihlumela lomuti otambileyo li hlume.
28U kona uyise wemvula na, ubani o wa zala amatonsi amazolo na?
29Ungqoqwane wa vela esiswini sika bani na? neqwa elimhlope la sezulwini la vezwa ubani?
30Amanzi, a fihleka okungati a fihlwe itye nobuso bolwandhle bu ya qina.
31U nga bopa izibopo zesiLimela u tukulule amagoda aka Cwazibe na?
32U nga pumisa izinkanyezi esikatini sazo u nga hola uUrsa Majori nabantwana bake na?
33U ya zazi izimiso zezulu na? u mise ukubusa kwazo emhlabeni na?
34U nga pakamisela izwi lako emafwini ukuba izimpopomo zamanzi zi ku gubuzele na?
35U nga tumela unyazi ukuba lu hambe lu ti kuwe si lapa.
36Ubani o wa beka ukuhlakanipa ngapakati no wa nika inhliziyo ukuqonda na?
37Ubani o nga bala amafu ngokwazi no nga tambeka amagaba ezulu na?
38Lapo utuli se lu hlangene namagade se e namatelene na?
39U ya zingela okokudhliwa ibubesi kuko u sutise isisu samaundhlu alo na?
40Lapo e lala emigodini yawo noma e hlezi e lindile ehlozini na?
41Ubani o wa m kelisa igwababa ukudhla kwalo lapo amazinyane alo e kala kuTixo e zula ngokuswela ukudhla na?