1UYA sazi isikati sokuzala kwezinyamazane za sendhle zewa na? U nga ku bona ukuzala kwembabala na?
2U nga zi bala izinyanga ezi zi qedayo na? u ya sazi isikati ezi zala ngaso na?
3Zi ya zigoba, zi pumise amazinyane azo, zi kipe ubuhlungu bazo.
4Amazinyane azo a kula e qinile a kulele endhle, a ya muka a nga be e sa pindela kuzo.
5Ubani o wa kipa imbongolo e kululekileyo na? no wa kulula izibopo zedube la sendhle na?
6E ngenza ihlane li be indhlu yalo nobala lu be izindawo zalo zokudhlala.
7Li ya kudelela ukuxokozela kwa semuzini, li nga ku laleli ukumemeza komtyayeli.
8Li ya zula ezintabeni, edhlelweni lalo li funa oku luhlaza.
9Ubejane u ya kuvuma ukukonza kuwe, a hlale esibayeni sako na?
10U ya m bopela ubejane ngentambo emseleni na? kuko u ya ku buqa izimfunda emva kwako.
11U ya kumetemba ngokuba amandhla ake e makulu u yeke umsebenzi wako kuye na?
12U ya kukolwa uye, ukuba u ya ku yi buyisa imbeu yako a i butele esibuyeni sako na?
13Ipiko lentye li ya pepezela masinyane, kepa ipiko nezimpape ezinhle na?
14Cabo! I ya shiya amaqanda ayo esihlabatini i wa fundumeza otulini.
15Li ya kohlwa ukuba unyawo lu wa fohloza nokuba isilwane sa sendhle si wa bulale.
16I wa pata kalukuni amazinyane ayo sengati a si wo a wayo; umsebenzi wayo u ize, a i kataleli ngawo.
17uTixo wa yenza i nga bi nangqondo, a ka yi nikanga ukuhlakanipa.
18Esikatini, i ya zityaya, i zipakamisele pezulu i delele ihashi nokwele kulo.
19U ya li nika ihashi amandhla alo na? u ya i gqokisa intamo yalo ngokuzamazama na?
20U ya lenza ukuba li xume njengenkumbi na? udumo lwamakala alo lu yesabeka.
21Li yemba emfundeni, lename ngamandhla alo; njalo li ya puma ukuhlangabeza abahlomileyo.
22Li ya kuhleka ukwesaba; a letuki; a li hlehli na pambi kwenkemba.
23Umgodhla u ya kwehlezela kulo, umkonto okazimulayo nenhlendhla.
24Ngokwesabeka kwalo na ngolaka lwalo li ya gwinya umhlabati. Uma li kala itilongo a li be li sema li tule.
25Ekuzwakaleni kwetilongo li ti aha! li zwe ngokunuka ukulwa ku se kude; udumo lwamakosi nokwenanela.
26Ukozi lu ndiza ngokwazi kwako lwelulele amapiko alo ngaseningizimu na?
27Inqe lenyukela pezulu ngezwi lako; lake isidhleke salo pezulu na?
28Li yaka li hlale edwaleni esiqongweni sedwala indawo e inqaba;
29Li puma kona li fune ukudhla kwalo; iso lalo li ku bona li kude.
30Amazinyane alo a munca igazi, lapa ku kona okufileyo li ba kona nalo.