1IJERIKO la valwa ngenxa yabakaIsraeli; a ku pumanga muntu, a ku ngenanga muntu.
2uJehova wa ti kuJoshua, Bheka, ngi nikile esandhleni sako iJeriko, nenkosi yalo, namaqawe empini.
3Haqani umuzi, mabuto onke, ni zungeze umuzi kanye; yenza njalo izinsuku ezi isitupa.
4Abapristi aba isikombisa ma ba pate pambi kompongolo amatilongo a isikombisa okuhlaba umkosi; ngosuku lwesikombisa zungezani umuzi kakombisa, abapristi ba tyaye amatilongo.
5Ma ku ti, nxa li tyaywa itilongo lokumemeza, nxa ni zwa izwi letilongo, abantu bonke ma ba memeze nokumemeza kakulu; udonga lomuzi lu ya kuwa pansi, ba kupuke bonke abantu, be qonda pambili.
6uJoshua indodana ka Nuni, wa biza abapristi, wa ti kubo, Tabatani umpongolo wesivumelwano, abapristi aba isikombisa ma ba pate pambi kompongolo ka Jehova amatilongo okumemeza a isikombisa.
7Ba ti kubantu, Dhlulani, ni zungeze umuzi, abahlomileyo ka ba dhlule pambi kompongolo ka Jehova.
8Kwa ti, uJoshua se e tyilo kubantu, abapristi aba isikombisa abapata amatilongo okumemeza a isikombisa ba dhlula pambi kuka Jehova, ba tyaya amatilongo; umpongolo wesivumelwano ka Jehova wa ba landela.
9Abahlomileyo ba hamba pambi kwabapristi aba tyaya amatilongo, isigaba sa semva sa landela umpongolo; ba hamba be tyaya amatilongo.
10uJoshua wa ba yala abantu, wa ti, Ni nga memezi, ma li ngezwakali izwi lenu, li nga pumi igama emlonyeni wenu, ku ze ku fike usuku engi za kuti kini ngalo, memezani, kona ni ya kumemeza.
11Umpongolo ka Jehova wa zungeza umuzi, wa ya kanye; ba buyela ekamu, ba lala ekamu.
12uJoshua wa vuka ekuseni; abapristi ba tabata umpongolo ka Jehova.
13Abapristi aba isikombisa abapata amatilongo a isikombisa okuhlaba umkosi pambi kompongolo ka Jehova, ba hamba njalo, ba tyaya amatilongo; abahlomileyo ba hamba pambi kwabo; isigaba sa semva sa landela umpongolo ka Jehova; ba hamba be tyaya amatilongo.
14Ngosuku lwesibili ba zungeza umuzi kanye, ba buyela ekamu, benza njalo izinsuku ezi isitupa.
15Kwa ti ngosuku lwesikombisa, ba vuka kusasa, ku sa qala ukusa, ba zungeza umuzi ngokunjalo ka kombisa ngalolo suku lodwa ba zungeza umuzi ka kombisa.
16Kwa ti ngokwesikombisa, abapristi be sa tyaya amatilongo, uJoshua wa ti kubantu, Memezani, ngokuba uJehova u ni nikile umuzi.
17Umuzi wo citwa uJehova wona nako konke oku kuwo, uRahabi yedwa isifebe u ya kusinda, yena nako konke oku kuye endhlini, ngokuba wa zi tukusa izigijimi, esa zi tumayo.
18Kodwa zigcineni kuko okuqalekisiweyo, funa ni zenze abaqalekisiweyo, uma ni pata okuqalekisiweyo ni lenze ikamu lika Israeli li be into e qalekisiweyo ni lone.
19Isiliva lonke, negolide, nezitya zetusi, nezensimbi, zi ingcwele kuJehova a zi ye emfuyweni ka Jehova.
20Abantu ba memeza, ba tyaya amatilongo; kwa ti, abantu be se zwa ukukala kwetilongo, abantu be sa memeza nokumemeza kakulu, udonga lwa wa pansi, abantu bonke ba kupukela emzini, ba qonda pambili, ba tabata umuzi.
21Ba cita konke oku semzini ngobukali benkemba, isilisa nesifazana, abatya nabadala, izinkomo, nezimvu, nezimbongolo.
22Kepa uJoshua wa e tyilo ku labobantu ababili aba hlola izwe, wa ti. Ngenani endhlini yomfazi o isifebe, ni m kipe kona umfazi, nako konke a nako, njengokufunga kwenu kuye.
23Izinsizwa eza zi izinhloli za ngena, za kipa uRahabai, noyise, nonina, nabafo wabo, nako konke a nako; nabo bonke abakubo, za ba beka ngapandhle kwekamu lika Israeli.
24Ba tyisa umuzi ngomlilo nako konke oku kuwo; kodwa isiliva, negolide, nezitya zetusi nezensimbi, ba zi beka emfuyweni yendhlu ka Jehova.
25uJoshua wa sindisa uRahabi, isifebe, nendhlu ka yise nako konke a nako; wakile kwaIsraeli na namhla; ngokuba wa tukusa izigijimi a zi tumayo uJoshua ukuba zi hlole iJeriko.
26uJoshua wa ba fungisa nga lesosikati, wa ti, Ka tukwe pambi kuka Jehova lowo muntu o za kusuka ake lomuzi iJeriko; u ya kuusekela ngowamazibulo wake, a mise amasango awo ngomncinyane wake.
27uJehova wa e naye uJoshua, udumo lwake lwa lu kona ezweni lonke.