1KODWA abaka Israeli beqa ngezinto eziqalekisiweyo; uAkana, indodana ka Karmi, indodana ka Zabdi, indodana ka Zera, wesizwe sika Juda, wa zi tabata izinto eziqalekisiweyo; ulaka luka Jehova lwa vutela abantwana baka Israeli.
2uJoshua wa tuma abantu be suka eJeriko ba ya eHai, eli nga seBetaveni, nga sempumalanga kwa seBeteli; wa tyo kubo, wa ti, Kupukani ni hlole izwe. Abantu ba kupuka, ba hlola iHai.
3Ba buyela kuJoshua, ba ti kuye, Ma ba nga kupuki abantu bonke; ma ba kupuke abantu, aba izinkulungwane ezimbili nokuba izinkulungwane ezintatu, ba cite iHai; u nga ba katazi abantu bonke ngokubayisa kona; ngokuba ba incozana.
4Ba kupukela kona abantu, aba izinkulungwane ezintatu; ba baleka pambi kwabantu ba seHai.
5Abantu ba seHai ba ba bulala abantu kubo aba ngamashumi amatatu nesitupa; ba ba landela, be suka ngapambi kwesango, ba za ba fika eShebarimu; ba ba bulala ekwehleni; izinhliziyo zabantu za pela amandhla, za ba njengamanzi.
6uJoshua wa dabula izingubo zake, wa wa pansi ngobuso pambi kompongolo ka Jehova kwa za kwa hlwa, yena namalunga ka Israeli, ba tela utuli emakanda abo.
7uJoshua wa ti, Au! Nkosi Jehova, wa ba weliselani lababantu iJordani, ukuba u si nikele esandhleni samaAmori, a si bulale? Yeka u ba sa vuma ukuhlala ngapesheya kweJordani.
8E, Nkosi yami, ngi za kutini lapa abaIsraeli se be fulatela izita zabo.
9AmaKenani nabo bonke abakileyo ezweni ba ya kuzwa, ba si haqe ba citye igama letu emhlabeni; u ya kulenzelani igama lako elikulu?
10uJehova wa ti kuJoshua, Suka u me; u lalelani kanye pansi ngobuso bako?
11Bonile abaIsraeli, beqile isivumelwano sami, enga ba yala ngaso; futi ba tabatile okuqalekisiweyo, bebile, ba kohlisa ba ku beka kweyabo impahla.
12Ngako abantwana baka Israeli ba be nge nakuma pambi kwezita zabo, kepa ba fulatela izita zabo, ngokuba ba into eqalekisiweyo; a ngi yi kupinda ngi be nani, uma ni nga qedi loku okunikelweyo, ku pele kini.
13Sukani, ni hlambulule abantu ni ti, Zihlambululeleni ingomso, ngokuba uJehova uTixo ka Israeli u ti, Ku kona pakati kwenu okuqalekisiweyo, baIsraeli; a ni yi kuba namandhla okuma pambi kwezita zenu, ni nga ka susi kini loku okuqalekisiweyo.
14Kusasa ni ya kusondela izizwe ngezizwe; ku za kuti, isizwe esidhliwa uJehova si ya kusondela imideni ngemideni; umdeni o dhliwa uJehova u ya kusondela abantu ngabantu.
15Ku ya kuti o dhliwayo, e nokunikelweyo, u ya kutyiswa ngomlilo, yena nako konke a nako, ngokuba weqile isivumel vano sika Jehova, na ngokuba wenzile okubi kwaIsraeli.
16uJoshua wa vuka ekuseni, wa ba sondeza abaIsraeli izizwe ngezizwe; isizwe sika Juda sa dhliwa;
17Wa sondeza imideni ka Juda; wa dhliwa umdeni ka Zarhi; wa sondeza umdeni ka Zarhi, abantu ngabantu, wa dhliwa uZabdi;
18Wa sondeza indhlu yake abantu ngabantu, wa dhliwa uAkana, indodana ka Karmi, indodana ka Zabdi, indodana ka Zera, wesizwe sika Juda.
19uJoshua wa ti kuAkana, Ndodana yami, m bonge uJehova uTixo ka Israeli, u m dumise; u ngi tyele o kwenzileyo, u nga ngi fihleli.
20uAkana wa m pendula uJoshua, wa ti, Ku qinisile, ngonile kuJehova uTixo ka Israeli, ngenzile ukuti nokuti.
21Nga bona ezintweni ezipangiweyo ingubo enhle ya seShinari, namashekeli amakulu amabili esiliva, noti lwegolide lu ngamashekeli amashumi amahlanu ngokulinganiswa; nga ku fisa, nga ku tabata; bheka, ku tukusiwe emhlabatini pakati kwetente lami, nesiliva li pansi kwayo.
22uJoshua wa tuma izigijimi, za gijimela etenteni, bheka, ya i tukusiwe etenteni lake, isiliva li pansi kwayo.
23Za ku kipa etenteni, za ku yisa kuJoshua na kubo bonke abantwana baka Israeli, za ku beka pambi kuka Jehova.
24uJoshua kanye nabo bonke bakaIsraeli ba tabata uAkana, indodana ka Zera, nesiliva, nengubo, noti lwegolide, namadodana ake, namantombazana ake, nezinkomo zake, nezimbongolo zake, nezimvu zake, netente lake, nako konke a nako, ba ku yisa esigodini sa seAkori.
25uJoshua wa ti, U si hlupelani na? uJehova wo ku hlupa namhla. abaIsraeli bonke ba m kanda ngamatye, ba ba tyisa ngomlilo, ba ba tyaya ngamatye.
26Ba misa pezu kwake inqwaba enkulu yamatye, i kona na namhla. uJehova wa guquka olakeni lwake olukulu; ngako igama la leyondawo la tiwa, Isigodi sa seAkori, kwa za kwa ba namhla.