1UJEHOVA wa tyo kuMosi, wa ti,
2Yityo kuAroni na kuwo amadodana ake ukuba ba nga pati oku ngcwele kwabaka Israeli, ba ngeise igama lami ngokupata loko aba ngi ngcwelisele kona; ngi nguJehova.
3Yityo kubo u ti, Lowo wa senzalweni yenu, ezizukulwaneni zenu o sondelayo ezintweni ezingcwele, abaka Israeli aba zi ngcwelisele uJehova, e sa ngcolile, lowomuntu ka nqunywe, a nga bi ko ebusweni bami; ngi nguJehova.
4Owa senzalweni ka Aroni o ilepero, noma e nesipumo, ka nga dhli oku ngcwele, e nga ka hlambuluki. Nopatayo okungcolileyo ngofileyo, nomuntu okupuma kuye imbeu yokuzala;
5Nopatayo isilwanyana esinambuzelayo; a nga ngcoliswa ngaso, nomuntu a nga ngcoliswa ngaye, nokungcola kuni kwake;
6Okupatayo wo hlala e ngcolile ku ze ku hlwe; a nga dhli oku ngcwele, uma e nga gezi umzimba ngamanzi.
7Lapo li tyonile ilanga wo hlambuluka, a be se ya dhla okungcwele; ngokuba ku ukudhla kwake.
8Isilwane esizifelayo nesihxetyuliweyo a nga si dhli ukuzingcolisa ngaso; ngi nguJehova.
9Ngako a ba gcine umteto wami, ukuba ba nga bi nasono, ba fe ngaso, nxa be weisa; ngi nguJehova o ba ngcwelisayo.
10Owezizwe a nga dhli okungcwele; ohambelayo kumpristi, nosebenzela imali, a nga dhli oku ngcwele.
11Kepa uma umpristi e tenga umuntu ngemali yake, a nga ku dhla; nozalwe ekaya lake; ba nga dhla ukudhla kwake.
12Uma indodakazi yompristi i gana kowezizwe a i nga dhli emnikelweni wokungcwele.
13Kepa uma indodakazi yompristi i umfelokazi, noma yahlukene nendoda, i nge namtwana, i buyele ekaya lika yise, njenga sebutyeni bayo, i nga dhla ukudhla kuka yise; kepa owezizwe ka nga ku dhli.
14Uma umuntu e dhla okungcwele ngokungazi, wo kwenezela okwesihlanu kwako, a ku nike umpristi kanye nokungcwele.
15A ba nga kweisi okungcwele kwabaka Israeli aba ku nikelayo kuJehova;
16Ba nga zitwesi ngokona lapo be dhla okungcwele kwabo; ngokuba ngi nguJehova o ba ngcwelisayo.
17uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
18Yityo kuAroni, na kuwo amadodana ake, na kubo bonke abaka Israeli, u ti kubo, Umuntu wa kwaIsraeli, noma owezizwe o hleziyo kwa Israeli, o nikela umnikelo wake wokwetembisa kwake, noweminikelo yake yesihle, e nikelwa kuJehova, i be iminikelo yokutyiswa,
19A no nikela ukuba namkelwe, iduna eli nge nacala lezinkomo, noma elezimvu, noma elezimbuzi.
20Isilwane esi necala ni nga si nikeli, ngokuba a si yi kwamkelwa kini.
21Onikela kuJehova umhlatyelo wokutula, ukuba a feze isitembiso, noma umnikelo wesihle, ezinkomeni, noma ezimvini, wo pelela ukuba wamkeleke; u nga bi nacala;
22Into e impumpute, neapukileyo ngesito, nelimeleyo, ne nentutumba, nequbukile, ne noqweqwe, ni nga nikeli lezi kuJehova, ni nga zi nikeli zi be umnikelo womlilo elatini kuJehova.
23U nga nikeli inkomo, noma imvu, e nesito esidhlulileyo, noma e nesito esincinyane, i be umnikelo wesihle, kepa u nge amkelwe uma u ngowesitembiso.
24Ni nga nikeli kuJehova into ecindezeliweyo, nekandiweyo, neyapukileyo, nenqunyiweyo; ni ngenzi okunje ezweni lenu.
25Ni ngamkeli okunje esandhleni sowezizwe ukuba ni nikele ukudhla kuka Jehova; ngokuba konakele, ku namacala; ku nge amkelwe kini.
26uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
27Nxa ku zalwa inkomo, noma imvu, noma imbuzi, a i hlale kunina izinsuku ezi isikombisa, ko ti ngosuku lwesishiyagalombili na ngasemva, kona i ya kwamkeleka i be umnikelo womlilo kuJehova.
28Noma ku inkomazi, noma imvukazi, a i nga hlatywa yona nenzalo yayo ngosuku lunye.
29Nxa ni hlabela uJehova umhlatyelo wokubonga, u hlabeni ukuba namkeleke.
30A u dhliwe ngalolosukuku; ni nga shiyi luto ku ze ku se; ngi nguJehova.
31Ngako gcinani imiyalo yami, ni yenze; ngi nguJehova.
32Ni nga tuki igama lami; ngi ya ku ngcweliswa kwabaka Israeli; ngi nguJehova o ni ngcwelisayo,
33Owa ni kipa ezweni la sEgipite, ukuba ngi be uTixo wenu, ngi nguJehova.