1WA shumayela umfanekiso kubo wokuti, nga be kuleka ngezikati zonke, ba nga yeki.
2E ti, Kwa ku kona emzini otile umahluli o ngesabi uTixo, o nga hlonipi muntu.
3Wa e kona umfelokazi ku lomuzi, weza kuye, e ti, Ngi zwele esiteni sami.
4Kwa ba isikati e nga vumi; ngasemva wa ti enhliziyweni yake, Noma ngi ngesabi uTixo, ngi nga hlonipi muntu,
5Kepa loku e ngi kataza lomfelokazi, ngi ya kumzwela, funa a ngi qede ngokuza kwake njalonjalo.
6Ya ti iNkosi, Yizwani loku a ku tyoyo umahluli onga lungile.
7uTixo a ka yi kubezwela ini abaketiweyo bake, aba kala kuye emini na sebusuku, noma e bekezela kade nabo na?
8Ngi ti kini u ya kubezwela masinyane. Kepa iNdodana yomuntu, ngokufika kwayo, i ya kufumanisa ukukolwa emhlabeni na?
9Wa shumayela lomfanekiso kwabazitembayo, ba ti ba lungile, ba dela abanye;
10Abantu ababili ba kupukela etempelini ukukuleka; omunye e ngumFarisi, omunye e ngumtelisi.
11umFarisi wema yedwa, wa kuleka wa ti, Ngi ya kubonga, Tixo, ngokuba ngi nge njengabanye abantu, abapangi, abangalungile, nabapingi, na njenga lomtelisi.
12Ngi zila ukudhla kabili ngesonto, ngabela okweshumi kuko konke engi nako.
13Umtelisi wema kude e nge nakubheka ezulwini, kodwa wa tyaya isifuba sake, e ti, Tixo, yiba nomsa kimi mina soni.
14Ngi ti kini, lo wehlela endhlini yake e tetelelwe ku nomunye; lowo o zipakamisayo, u ya kutotywa, nozitobayo a pakanyiswe.
15Kwa letwa kuye abantwana, ukuba a ba pate; kepa abafundi be bona ba ba kuza.
16uJesu wa ba biza wa ti, Vumelani abantwana beze kimi, ni nga ba nqabeli; umbuso ka Tixo u ngowabanjalo.
17Ngi qinisile ngi ti kini, Lowo o ngamkeli umbuso ka Tixo njengomntwana, a nge ngene kuwo.
18Kwa suka o isikulu wa m buza, e ti, Mfundisi olungileyo, ngi ya kwenzani ukuba ngi dhle ifa lokupila okupakade na?
19uJesu wa ti kuye, U ngi bizelani u ti ngi lungile na? A ku ko olungileyo, munye kupela, uTixo.
20U ya yazi imiyalo yokuti, U nga pingi; U nga bulali; U ngebi; U nga qiniseli amanga; Dumisa uyihlo nonyoko.
21Wa ti, Loku konke ngi ku gcinile kwa sebutyeni bami.
22uJesu, se e zwile loku, wa ti kuye, U sa swele into inye; Tengisa ngako konke o nako, u babele abampofu, kona u ya kuba nemfuyo ezulwini; u ze, u ngi landele.
23E ku zwile loku wa dabuka kakulu, ngokuba wa e nemfuyo eningi.
24uJesu wa m bona e dabukile, wa ti, Yeka, ku lukuni kwaba nemfuyo ukungena embusweni ka Tixo!
25Ku lula ukuba ikameli li ngene entunjeni yosungulo, ku nokuba ofuyileyo a ngene embusweni ka Tixo.
26Ba ti abezwayo, Ubani o nga sindiswayo na?
27Wa ti, Oku nge nakwenzeka kubantu, ku ngenzeka kuTixo.
28Wa ti uPetro, Tina si shiye konke, si ku landele.
29Wa ti kubo, Ngi qinisile ngi ti kini, A ku ko umuntu o shiye indhlu, nabazali, nabafo wabo, nomkake, nabantwana, ngenxa yombuso ka Tixo,
30O nga yi kwamkeliswa okuningi ku lesisikati, na sezweni elizayo ukupila okupakade.
31Wa tabata aba ishumi nambili, wa ti kubo, Bhekani, si kupukela eJerusalema; ku za kupelela konke okulotyiweyo abaprofeti ngeNdodana yomuntu.
32I ya kunikelwa kwabezizwe, i hlekwe, yeiswe, i felwe ngama
33Ba i tyaye, ba i bulale; kepa ngosuku lwesitatu yo buya, i vuke.
34Kodwa a bezwisa nganto; lokokutyo kwa fihleka kubo, a ba kwazanga a be ku tyilo.
35Kwa ti, e sondela eJeriko, ya i hlezi impumpute nga sendhleleni, i cela;
36Yezwa abantu be dhlula, ya buza ukuba ku ini.
37Ba i tyela ba ti, uJesu, wa seNazareta u ya dhlula.
38Ya memeza ya ti, Jesu, Ndodana ka Davida, ngi haukele.
39Kepa aba hamba pambili ba i kuza, ukuba i tule; kodwa ya memeza kakulu, i ti, Ndodana ka Davida, ngi haukele.
40uJesu wema, wa tyo, ukuba i letwe kuye; i si sondele, uJesu wa i buza,
41E ti, U tanda ukuba ngi kwenzeleni na? Ya ti, Nkosi, ukuba ngi bheke.
42uJesu wa ti kuyo, bheka, inkolo yako i ku sindisile.
43Ya se i bheka, ya m landela, i dumisa uTixo. Abantu bonke, se be bonile, ba bonga uTixo.