1WA ngena wa dabula eJeriko.
2Kwa ku kona umuntu, igama lake uZakeu, e isikulu sabatelisi, e isi cebi.
3Wa funa ukubona uJesu, ukuba u ubani; wahluleka ngabantu, ngokuba e mfutyane.
4Wa gijimela pambili, wa kwela emtini wesikamore, ukuba a m bone, e be za kudhlula kona.
5uJesu se e fikile ku leyondawo, wa bheka pezulu, wa m bona, wa ti kuye, Zakeu, tyetya wehle; ngokuba namhla ngi ya kuhlala endhlini yako.
6Wa tyetya wehla, wa m amkela ngokujabula.
7Se be bonile ba konona bonke, be ti, U ye kungenisa kumuntu o isoni.
8uZakeu wema, wa ti eNkosini Bheka, Nkosi, ngi ya ba pa abampofu inxenye yemfuyo yami; uma ngi m amukile umuntu into, ngi i buyisa i pindwa kane.
9uJesu wa ti kuye, namhla ku fikile ukusindiswa ku lendhlu, loku naye u indodana ka Abrahama.
10iNdodana yomuntu i ze kufuna nokusindisa okulahlekileyo.
11Se be zwe loku, weleka wa shumayela umfanekiso, ngokuba e seduze neJerusalema, na ngokuba be ti, umbuso ka Tixo se u za kubonakala.
12Wa ti, Kwa suka umuntu omkulu, wa ya ezweni eli kude ukuba a tabate umbuso, a buye.
13Wa biza izinceku zake ezi ishumi, wa zi nika omina aba ishumi wa ti kuzo, Tengisani ngabo ngi ze ngi buye.
14Kepa abantu ba kubo ba m zonda, ba tuma izigijimi emva kwake, ba ti, A si tandi lomuntu a be umbusi pezu kwetu.
15Kwa ti ekubuyeni kwake, se e tabatile umbuso, wa tyo ukuba zi bizwe zi ze kuye lezozinceku, a be zi nikile imali, azi ukuba ileyo i zuzeni ngokutengisa.
16Ya fika eyokuqala ya ti, Nkosi, umina wako u zuzile omina aba ishumi.
17Wa ti kuyo, Kuhle, nceku elungileyo; loku u tembekile ngokuncinyane, u ya kubusa imizi e ishumi.
18Ya fika eyesibili ya ti, Nkosi, umina wako u tolile omina aba isihlanu.
19Wa ti kuyo, U ya kubusa imizi e isihlanu.
20Ya fika enye ya ti, Nkosi, nangu umina wako, e be ngi naye u bekiwe endwangwini;
21Nga kwesaba, loku u ngumuntu o nolaka, u tabata o nga ku bekanga, u vuna o nga ku hlwanyelanga.
22Wa ti kuyo, Ngomlomo wako ngo ku lahla, wena nceku engalungile. U be wazi ukuba ngi ngumuntu o nolaka, ngi tabata engi nga ku bekanga, ngi vuna engi nga ku hlwanyelanga.
23A u bekanga imali yami ebanke ngani na? kona ekubuyeni kwami, nga ngi i bizile kanye nenzuzo.
24Wa ti kwabemiyo kona, M amukeni umina, ni m nike o nomina aba ishumi.
25Ba ti kuye, Nkosi, u nomina aba ishumi.
26Yebo, ngi ti kini, lowo o nako u ya kupiwa, kepa, o nge nako u ya kwamukwa na loku a nako.
27Lezozita zami eza zi nga tandi, ngi be umbusi wazo, zi leteni lapa, ni zi bulale pambi kwami.
28Se e tyilo loku, wa ya pambili, e kupukela eJerusalema.
29Kwa ti, e sondele eBetfage neBetani, nga sentabeni e tiwa e yemihlwati, wa tuma ababili kubafundi bake.
30E ti, Hambani ni ye emuzini o bhekana nani, se ni ngene kuwo ni ya kufumana itole lembongolo li botyiwe, oku nga zanga ku hlale kulo umuntu; li tukululelani, ni li lete.
31Uma umuntu e ni buza ukuti, Ni li tukululelani? ni ti kuye, iNkosi i ya li funa.
32Bemuka aba be tunyiwe, ba fumana njengokutyo kwake kubo.
33Be sa tukulula itole, abaninilo ba ti kubo, Ni li tukululelani itole na?
34Ba ti, iNkosi i ya li funa.
35Ba li leta kuJesu, ba beka izingubo zabo pezu kwetole, be m kwelisa uJesu.
36E sa hamba, bendhlala izingubo zabo endhleleni.
37E sa sondela ekwehleni kwentaba yemihlwati, ibandhla lonke labafundi la qala ukutokoza nokubonga uTixo ngezwi elikulu, ngemisebenzi yonke emikulu aba be i bonile.
38Be ti, A ka bongwe umbusi ozayo ngegama leNkosi; ku be ukutula ezulwini, nobukosi kwelipezulu.
39Abanye abaFarisi ba sebantwini ba ti kuye, Mfundisi, ba kuze abafundi bako.
40Wa pendula wa ti kubo, Ngi ti kini, uma be tula laba, amatye a ya kumemeza.
41Se e sondele wa bona umuzi, wa u kalela.
42E ti, Uma u bu kwazi nawe, na nga lolusuku, okokutula kwako! kepa kaloku se ku fihlekile emehlweni ako!
43U ya kufikelwa izinsuku, lapo izita zako zi ya kukubiyela ngotango, zi ku haqe, zi ku vimbezele inxa zonke.
44Zi ku dilize pansi, wena nabantwana bako aba kuwe: zi nga shiyi kuwe itye nalinye li pezu kwelinye, ngokuba u nga sazanga isikati sokuhanjelwa kwako.
45Wa ngena etempelini, wa qala ukukipa abatengiselanayo kulo.
46Wa ti kubo, Ku lotyiwe ukuti, Indhlu yami i indhlu yokukuleka; kepa ni yenze umhume wabapangi.
47Wa e fundisa imihla ngemihla etempelini; kepa abapristi abakulu, nababali, nezikulu zabantu ba funa ukumbulala.
48Kodwa ba be nga fumani aba nga kwenzayo, loku abantu bonke ba bambelela kuye ukumuzwa.