1WA qala ukushumayela kubo ngemifanekiso, e ti, Umuntu wa tyala isivini, wa si biyela utango, wemba isikamo sevini, waka ixiba, wa si tyeleka abalimi, wemuka, wa ya kwelinye izwe.
2Ngesikati sezitelo wa tuma inceku kubalimi, ukuba i tabate izitelo zesivini kubalimi.
3Ba i bamba, ba i tyaya, ba i mukisaze.
4Wa buya wa tuma enye inceku kubo; na leyo ba i kanda ngamatye, ba i limaza ekanda, ba i mukisa i petwe kabi.
5Wa buya wa tuma enye; na leyo ba i bulala; nezinye ba zi tyaya, ezinye ba zi bulala.
6E se nendodana inye, e tandwa uye, wa i tuma nayo kubo ekugcineni, e ti, Ba ya kuihlonipa indodana yami.
7Kodwa labobalimi ba kuluma ba ti, Lo u indhlalifa, zanini, si m bulale, ifa li be eletu.
8Ba m bamba, ba m bulala, ba m kipela ngapandhle kwesivini.
9I ya kwenzani inkosi yesivini na? I ya kuza, i ba bulale abalimi, i nike abanye isivini.
10A ni fundanga ini lesisibalo sokuti, Itye elilahliweyo abaki, ilona se li inhloko yegumbi?
11Loku kwenziwe iNkosi; ku isimangaliso emehlweni etu?
12Ba funa ukumbamba, kepa besaba abantu; bazi ukuba be e kulumile lomfanekiso ngabo. Ba m shiya bemuka.
13Ba tuma kuye abanye kubaFarisi na kwabaka Herodi, ukuba ba m bhabise ngokushumayela kwake.
14Se be fikile ba ti kuye, Mfundisi, si yazi ukuba u qinisile, a u naki umuntu, ka u bheki ubuso babantu; kodwa u fundisa indhlela ka Tixo ngeqiniso; ku fanele ukutela imali kuKesari, nokuba ukungateli na?
15Si nike, nokuba si nga niki ini na? Kepa e kwazi ukuzenzisa kwabo wa ti kubo, Ni ngi lingelani na? M leteni kimi udenario, ngi m bone.
16Ba m leta, Wa ti kubo, U ngoka bani lomfanekiso nombalo na? Be ti kuye, Oka Kesari.
17uJesu wa pendula wa ti kubo, Nikani uKesari okuka Kesari, noTixo okukaTixo. Ba mangala ngaye.
18Kwa fika kuye abaSadusi aba ti, A ku ko ukuvuka kwabafileyo; ba m buza, be ti,
19Mfundisi, uMosi wa si lobela ukuti, Uma umuntu e fa, a shiye umkake, e nga shiyi abantwana, umfo wabo ma ka m tabate umkake, a vusele umfo wabo inzalo.
20Kwa ku kona izelamani ezi isikombisa; owokuqala wa tabata umfazi, wa fa e nga shiyi inzalo.
21Owesibili wa m tabata, wa fa naye e nga shiyi inzalo nowesitatu wa ba njalo.
22Ba m tabata aba isikombisa be nga shiyi inzalo; emva kwabo bonke wa fa nomfazi.
23Ekuvukeni, lapo se be vukile, u ya kuba umfazi wa mupi kubo na? loku aba isikombisa ba be naye e ngumfazi wabo.
24uJesu wa pendula wa ti kubo, A nedukile ini ngaloku, ni nga yazi imibalo namandhla ka Tixo?
25Ngokuba lapo se be vukile kwabafileyo, a ba ganwa, a bendiswa, kodwa ba njengezingelosi ezi sezulwini.
26Ngokwabafileyo ukuti ba ya vuka, a ni fundanga ini encwadini ka Mosi ukuti, esihlahleni uTixo wa shumayela kuye, e ti, Ngi nguTixo ka Abrahama, noTixo ka Isaka, noTixo ka Jakobe?
27A siye uTixo wabafileyo, kepa uTixo wabapilayo; nedukile kakulu.
28Kwa fika omunye kubabali, o be zwile be pikisana, wa bona ukuba u ba pendule kahle, wa m buza, wa ti. Umupi umyalo wokuqala kuyo yonke na?
29uJesu wa m pendula, wa ti, Umyalo wokuqala kuyo yonke, u ti, Yizwa, Israeli, iNkosi uTixo wetu i iNkosi inye.
30Wo tanda iNkosi uTixo wako ngenhliziyo yako yonke, na ngompefumlo wako wonke, na ngokuqonda kwako konke, na ngamandhla ako onke. Ilo umyalo wokuqala.
31Nowesibili u fana nawo wokuti, Wo tanda owakelene nawe njengaloku u zitanda wena. A u ko umyalo omkulu ku na lowo.
32Umbali wa ti kuye, Yebo, Mfundisi, u tyilo iqiniso; u kona uTixo munye, a mu ko namunye ngapandhle kwake.
33Ukumtanda yena ngenhliziyo yonke, na ngokuqonda konke, na ngompefumlo wonke na ngamandhla onke, nokutanda owakelene naye njengokuzitanda yena, ku dhlula yonke iminikelo yokutya nemihlatyelo.
34uJesu, e m bona ukuba u pendule ngokuqonda, wa ti kuye, A u kude nombuso ka Tixo. A kwa be ku sa ba ko umuntu o nesibindi sokumbuza.
35uJesu, e sa fundisa etempeleni, wa pendula wa ti, Ababali ba tyo kanjani ukuti, Ukristu u indodana ka Davida na?
36Loku yena uDavida wa ti ngoMoya o ingcwele, iNkosi ya ti eNkosini yami, Hlala ngakwesokunene sami, ngi ze ngenze izita zako zi be isenabelo sako.
37Yena uDavida u m biza ngokuti iNkosi; u indodana yake kanjani na? Abantu abaningi ba mu zwa ngokujabula.
38Wa ti kubo ekufundiseni kwake, Xwayani ababali, aba tanda ukuhamba be gqoke izingubo ezinde, ba tanda ukubingelelwa ezindaweni zokubutana,
39Nezihlalo ezipambili ezindhlini zokusonta, nezihlalo ezi senhla ekudhleni;
40Ba dhla izindhlu zabafelokazi, na ngokuzenzisa ba kuleka isikati eside; laba ba ya kwamkeliswa ukulahlwa okukulu.
41uJesu e hlezi malungana neminikelo, wa bheka abantu be tela imali eminikelweni; abaningi abacebileyo ba tela kakulu.
42Kwa fika umfelokazi ompofu wa tela imalana embili, okutiwa ifadingi.
43Wa biza abafundi bake wa ti kubo, Ngi qinisile ngi ti kini, lomfelokazi ompofu u telile kakulu ku nabo bonke aba telile eminikelweni.
44Ngokuba bonke laba ba telile ngobuningi babo, kodwa yena ngobumpofu bake u telile konke a nako, konke a pila ngako.