1KWA ti ngasemva kokufa, uJehova wa kuluma kuMosi nakuEleazari indodana kaAroni umpristi, wa ti,
2Balani ibandhla lonke labantwana baka Israeli, ku suke kwa ba minyaka e ngamashumi amabili nangapezulu, ezindhlini za oyise, bonke abakwa Israeli aba namandhla ukulwa.
3uMosi noEleazari umpristi ba kuluma kubona ematafeni aseMoabi ngaseJordani, eduze neJeriko, ba ti,
4Balani abantu, ku suke kwaba minyaka e ngamashumi amabili na ngapezulu; njengesiyalezo sikaJehova kuMosi nabantwana baka Israeli, aba pumileyo ezweni lasEgipite.
5uRubeni izibulo lika Israeli, abantwana bakaRubeni, uHanoki, o kwavela kuye indhlu yabakwaHanoki noPallu, indhlu yabakwaPallu.
6uHezroni indhlu yabakwaHezroni, uKarmi, indhlu yabakwaKarmi.
7Laba ba izindhlu za kwaRubeni aba balwayo kubo ba be izinkulungwane ezingamashumi amane nantatu namakulu a isikombisa namashumi amatatu.
8Amadodana kaPallu, uEliabi.
9Amadodana ka Eliabi, uNemueli, noDatane, noAbiramu, a ba be dumile ebandhleni, na ba xabana noMosi noAroni be kulo ibandhla lika Kora, lapo ba be xabene noJehova.
10Umhlaba wa vula umlomo wawo, wa ba gwinya bonke kanye noKora, ekufeni kwa lelo bandhla, ngesikati sokuba umlilo u qede amadoda a ngamakulu amabili namashumi a isihlanu: Bona ba ba isibonakaliso.
11Noko abantwana baka Kora ka ba fanga.
12Amadodana kaSimeoni ngezindhlu zawo; aka Nemueli, indhlu yabakwaNemueli: aka Jamini, indhlu yabakwaJamini: aka Jakini, indhlu yabakwaJakini:
13Aka Zera, indhlu yabakwaZera: aka Shaule, indhlu yabakwaShaule.
14Lezi zi izindhlu zabakwaSimeoni, izinkulungwane ezi ngamashumi amabili nambili namakulu amabili.
15Abantwana baka Gadi, ngezindhlu zabo: aba ka Zefoni, indhlu yabakwaZefoni: aba kwa Hagi, indhlu yabakwa Hagi: aba kwa Shuni, indhlu yabakwa Shuni.
16Aba ka Ozni, indhlu yabakwaOzni: aba ka Eri, indhlu yabakwaEri.
17Aba ka Arodi, indhlu yabakwaArodi: aba ka Areli, indhlu yabakwaAreli.
18Lezi zi izindhlu zabantwana baka Gadi njengababalwayo kubo, izinkulungwane ezi ngamashumi amane namakulu a isikombisa.
19Amadodana ka Juda a e nguEri noOnani, uEri noOnani ba fa ezweni lase Kenani.
20Amadodana aka Juda ngezindhlu zawo; a e nguShela, indhlu yabakwa Shela: naka Farezi, indhlu yabakwa Farezi: nakaZara, indhlu yabakwa Zara.
21Amadodana aka Farezi, a e nguHezroni, indhlu yabakwaHezroni, naka Hamuli, indhlu yabakwaHamuli,
22Lezi zi izindhlu zakwaJuda njengababalwayo kubo, izinkulungwane ezi ngamashumi a isikombisa nesitupa namakulu a isihlanu.
23Amadodana ka Isakari ngezindhlu zawo: aka Tola, indhlu yabakwaTola: aka Pua, idhlu yabakwaPua:
24Aka Jashube, indhlu yabakwaJashube: aka Shimroni, indhlu yabakwaShimroni.
25Lezi zi izindhlu zika Isakari njengababalwayo kubo izinkulungwane ezi ngamashumi a isitupa nane namakulu amatatu.
26Amadodana ka Zebuloni ngezindhlu zawo: aka Seredi, indhlu yabakwaSardi: aka Eloni, indhlu yabakwaEloni: akaJaleli, indhlu yabakwaJaleli.
27Lezi zi izindhlu zabakwa Zebuloni njengababalwayo kubo, izinkulungwane ezi ngamashumi a isitupa namakulu a isihlanu.
28Amadodana ka Josefa ngezindhlu zawo a e nguEfraimi noManasa.
29Amadodana ka Manasa: aka Makiri, indhlu yabakwaMakiri: wa zala uGiladi: kuGiladi kwa vela indhlu yabakwaGiladi.
30Lawa a ngamadodana kaGiladi, uJezere, indhlu yabakwaJezere: uHeleke, indhlu yabakwaHeleke.
31Kwa Asriele, indhlu yabakwaAsriele: kwa Shekemi, indhlu yabakwaShekemi
32KwaShemida, indhlu yabakwaShemida: kwa Heferi, indhlu yabakwaHeferi.
33uZelofehade indodana ka Heferi a wa zalanga amadodana, amadodakazi kupela amagama awo a e nguMala, noNoa, noHogla, noMilka, noTirza.
34Lezi zi izindhlu zakwa Manasa, aba balwayo kubo ba be izinkulungwane ezingamashumi a isihlanu nambili namakulu a isikombisa.
35Lawa a ngamadodana ka Efraimi ngezindhlu zawo; uShutela, indhlu yabakwaShutela: aka Bekeri, indhlu yabakwaBekeri: aka Tahane, indhlu yabakwaTahane.
36Lawa a ngamadodana ka Shutela; aka Erani, indhlu yabakwa Erani.
37Lezi zi izindhlu zamadodana ka Efraimi njengokubalwa kwawo, izinkulungwane ezi ngamashumi amatatu nambili namakulu a isihlanu, Lawa a ngamadodana ka Josefa, ngezindhlu zawo.
38Amadodana ka Benjamini ngezindhlu zawo: aka Bela, indhlu yabakwaBela: akaAshbeli, indhlu yabakwa Ashbeli: aka Ahiramu, indhlu yabakwaAhiramu.
39Aka Shufami, indhlu yabakwaShufami: aka Hufami, indhlu yabakwaHufami.
40Amadodana ka Bela a e nguArda no-Namani: aka Arda, indhlu yabakwa Arda: naka Namani, indhlu yabakwaNamani,
41Lawa a ngamadodana ka Benjamini ngezindhlu zawo; aba balwayo kubo ba be izinkulungwane ezi ngamashumi amane nesihlanu namakulu a isitupa.
42Lawa a ngamadodana ka Dani ngezindhlu zawo: aka Shuhami, indhlu yabakwa Shuhami, Lezi zi izindhlu za kwa Dani ngezindhlu zabo.
43Bonke aba kwa Shuhami, njengokubalwa kwabo ba be izinkulungwane ezi ngamashumi a isitupa nane namakulu amane.
44Abantwana baka Asheri ngezindhlu zabo: aba ka Jimna, indhlu yabakwaJimna: aba ka Isui, indhlu yabakwaIsui: aba ka Beria, indhlu yabakwaBeria.
45Kumadodana ka Beria: aka Heberu, indhlu yabakwaHeberu: aka Malekile, indhlu yabakwaMalekile.
46Igama lendodakazi ka Asheri la li nguSara.
47Lezi zi izindhlu zamadodana ka Asheri, njengokubalwa kwabo; izinkulungwane ezi ngamashumi a isihlanu nantatu namakulu amane.
48Amadodana ka Naftali ngezindhlu zawo: aka Jazeli, indhlu yabakwaJazeli: aka Guni, indhlu yabakwaGuni:
49Aka Jezeri, indhlu yabakwaJezeri: aka Shilemi, indhlu yabakwaShilemi.
50Lezi zi izindhlu zakwa Naftali njengezindhlu zabo; aba balwayo kubo ba be izinkulungwane ezi ngamashumi amane nesihlanu namakulu amane.
51Laba aba balwayo kubantwana baka Israeli, ba be izinkulungwane ezi ngamakulu a isitupa nenkulungwane namakulu a isikombisa namashumi amatatu.
52uJehova wa kuluma kuMosi, wa ti,
53Izwe li ya kudatyulelwa laba li be ifa labo njengobuningi bamagama abo.
54Abaningi u ya kubanika ifa elikulu, aba incozana u ba nike ifa eli incozana; ifa li nikwe ku lowo njalo njengababalwayo bake.
55Noko izwe li ya kudatyulwa ngenkato: njengamagama ezizwe za oyise aba ya kulifuya.
56Njengenkato izwe li ya kwahlukaniswa kwabaningi na kwa ba incozana.
57Laba ibona aba balwayo kubaLevi ngezindhlu zabo: abakwa Gershoni, indhlu yabakwaGershoni: abakwa Kohati, indhlu yabakwaKohati: aba kwa Merari, indhlu yabakwaMerari.
58Lezi zi indhlu zabaLevi: indhlu yabakwaLibni, indhlu yabakwaHebroni, indhlu yabakwaMali, indhlu yabakwaMushi, indhlu yabakwaKohati. uKohati wa zala uAmramu.
59Igama lomka Amramu la li nguJokebede indodakazi ka Levi, o wa zalelwa uLevi Egipite: yena wa zalela uAmramu uAroni noMosi, noMiriamu udade wabo.
60uAroni wa zala uNadabi, noAbihu, noEleazari, noItamari,
61uNadabi noAbihu ba fa, ekunikeleni kwabo umlilo ongaziwayo ngapambi kuka Jehova.
62Aba balwayo kubo ba be izinkulungwane ezingamashumi amabili nantatu, bonke be isilisa ku suke kwabenyanga inye nangapezulu ubudala babo; ngokuba a ba balwanga naba kwa Israeli, ngokuba a ba li nikwanga ifa kanye nabakwaIsraeli.
63Ilaba abalwayo uMosi no Eleazari umpristi, aba bala abakwaIsraeli ematafeni a seMoabi, ngaseJordani eduze naseJeriko.
64Kodwa kwaku ngeko no yedwa ku laba aba balwa nguMosi noAroni umpristi lapo ba be bala aba kwa Israeli ehlane lase Sinai.
65Ngokuba uJehova wa e tyilo ngabo, Ba ya kufela ehlane impela. A ku salanga muntu kubona, uKalebi indodana ka Jefuna, noJoshua indodana ka Nuni, kupela;