1UMOSI wa tyo ezikulwini zezizwe ngabo abakwa Israeli, e ti, Lesi si isiyalezo sika Jehova.
2Uma umuntu e funga isifungo kuJehova, e funga ngenhliziyo yake, a ka yi kulapula izwi lake, u ya kukwenza konke oku pumayo emlonyeni wake.
3Noma owesifazana e funga isifungo kuJehova, e zibopa na ngesibopo, e sendhlini ka yise, ebutyeni bake;
4Noyise e si zwa isifungo sake, nesibopo a bope ngaso umpefumulo wake, noyise e m yeka nje: izifungo zake zonke zi ya kuma, nezibopo zonke a bope ngazo umpefumulo wake zi ya kuma.
5Kodwa uma uyise e m nqabela ngosuku lokuzwa kwake loko, a zi yi kuma zonke izifungo, zake nezibopo zake a bope ngazo umpefumlo wake; uJehova u ya ku m yekela, ngokuba uyise u m nqabele.
6Uma e be nendoda lapo e fungayo, e kipa namagama, oku bopa umpefumulo wake;
7Nendoda yake i ku zwile loko, ya tula ngokuzwa kwayo loko; lapoke zi ya kuma izifungo zake, nezibopo a bope ngazo umpefumulo wake, zi ya kuma.
8Kodwa uma indoda yake i m nqabela ngosuku lokuzwa kwayo loko; i ya kumenza ukuba a funge isifungo sake, nakutyiloyo ngomlomo wake ukubopa umpefumulo wake, ku nga bi luto: uJehova u ya ku m yekela.
9Kodwa zonke izifungo zomfelokazi, naye ohlukanisiweyo nendoda yake, aba bope ngazo imipefumulo yabo, zi ya kuma pezu kwake.
10Kodwa uma e funge endhlini yendoda yake, noma e bopile umpefumulo wake ngesifungo;
11Indoda yake i ku zwile, ya tula, a ya m nqabela; izifungo zonke zake zi ya kuma, nezibopo zonke a bope ngazo umpefumulo wake zi ya kuma.
12Kodwa uma indoda yake i zi nqabile impela ngosuku lokuzizwa kwayo, lapoke okupumayo emlonyeni wake ngezifungo zake, na ngesibopo sompefumulo wake, a ku yi kuma: indoda yake i konile loko; noJehova u ya ku m yekela.
13Zonke izifungo, nezibopo zokuhlupa umpefumulo, indoda yake i nga zi misa, noma i nga zona.
14Kodwa uma indoda yake i tula njalo ngezinsuku zonke; i ya zi vumake zonke izifungo zake, nezibopo zake, ezi pezu kwake; i ya zi vumela ngokuba i tulile ngosuku lokuzizwa kwayo.
15Kodwa uma e kona loko e se ku zwile konke; ububi bake bu ya kuba pezu kwake.
16Loku ku imiteto, e ya yalezwa uJehova kuMosi, pakati kwendoda nomkayo, na kuyise nendodakazi, yona i se intombi endhlini ka yise.