1NA ngenyanga yesikombisa, ngosuku lokuqala lwayo, ma ni be nomhlangano o ingcwele; ni nga wenzi umsebenzi wemihla: ku ngusuku lokutyaya amatilongo kinina.
2Ni nikele umnikelo otyiswayo u be ipunga elimnandi kuJehova, inkabi inye entya, inqama inye, namacwane a isikombisa amnyaka munye, a nge nabala;
3Nomnikelo wako wokudhla u ya kuba impupu i xubene namafuta, izilinganiso ezintatu zokweshumi enkabini inye, nezimbili enqameni,
4Nesilinganiso si be sinye ecwaneni linye, kuwo onke a isikombisa:
5Nezinyane li be linye lembuzi, li be umnikelo wezono, ni hlaule ngalo;
6Ngapandhle komnikelo otyiswayo wenyanga, nomnikelo wokudhla, nomnikelo wemihla otyiswayo, nomnikelo wokudhla, nowokupuza, njengokuma kwayo, ipunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
7Ngalolusuku lweshumi enyangeni yesikombisa ma ni be nomhlangano o ingcwele; ni hlupe imipefumulo yenu: ni nga sebenzi luto nga lolosuku:
8Kodwa ni nikele umnikelo otyiswayo kuJehova wepunga elimandi, inkabi entya i benye, nenqama, namacwane a isikombisa amnyaka munye; a nga bi nabala kinina.
9Nomnikelo wabo wokudhla u be impupu i xubane namafuta, izilinganiso ezintatu zokweshumi enkabini inye, nezilinganiso ezimbili enqameni.
10Nezinxenyana zokweshumi ecwaneni linye, kuwo onke a isikombisa:
11Izinyane li be linye lembuzi li be umnikelo wezono; ngapandhle kowokuhlaula, nomnikelo otyiswayo njalo, nomnikelo wokudhla, nowokupuza.
12Na ngosuku lweshumi nesihlanu lwenyanga yesikombisa, ma ni be nomhlangano o ingcwele; ni nga wenzi umsebenzi wemihla, ni be nokudhla kuJehova izinsuku ezi isikombisa:
13Ni nikele umnikelo otyiswayo, umhlatyelo womlilo, wepunga elimnandi kuJehova; izinkabi ezintya ezi ishumi nantatu, nezinqama ezimbili, namacwane a ishumi nane amnyaka munye; a be a nge nabala:
14Nomnikelo wako wokudhla u ya kuba impupu i xubene namafuta, izilinganiso ezintatu zokweshumi enkabini inye kuzo ezi ishumi nantatu, nezilinganiso ezimbili zokweshumi enqameni inye, kuzo zombili,
15Nenxenye i benye ecwaneni kuwo onke a ishumi nane:
16Nezinyane li be linye ezimbuzini li be umnikelo wezono; ngapandhle komnikelo otyisiweyo omayo njalo, umnikelo wake wokudhla nowokupuza.
17Na ngosuku lwesibili ni ya kunikela izinkabi ezintya ezi ishumi nambili, nezinqama ezimbili, namacwane a ishumi nambili a nge nabala;
18Nomnikelo wako wokudhla nowokupuza, wezinkabi, nowezinqama, nowamacwane, u ya kuba njengobuningi bazo, ngokuma kwazo:
19Nezinyane li be linye ezimbuzini li be umnikelo wezono, ngapandhle kwawo omayo njalo, nowokudhla, nowokupuza.
20Na ngosuku lwesitatu izinkabi ezi ishumi nanye, izinqama ezimbili namacwane a ishumi nane amnyaka munye a nge nabala.
21Nominikelo wako wokudhla nowokupuza, wezinkabi, nowezinqama, nowamacwane, u ya kuba njengobuningi bazo, ngokuma kwazo.
22Nembuzi inye i be umnikelo wezono; ngapandhle kwawo otyisiweyo omayo njalo, nowokudhla, nowokupuza.
23Na ngosuku lobune izinkabi ezi ishumi, nezinqama ezimbili, namacwane a ishumi nane amnyaka munye a nge nabala:
24Umnikelo wako wokudhla, nowokupuza wezinkabi, nezinqama, namacwane, u ya kuba njengobuningi bazo, ngokuma kwazo:
25Izinyane li be linye lembuzi li be umnikelo wezono: ngapandhle kwawo otyiswayo omayo njalo, owokudhla nowokupuza.
26Na ngosuku lwesihlanu izinkabi ezi isishiyagalolunye, izinqama ezimbili, namacwane a ishumi nane amnyaka munye, a nge nabala:
27Nowokudhla, nowokupuza wezinkabi, nowezinqama, nowamacwane, u ya kuba njengobuningi bazo, ngokuma kwazo:
28Nembuzi inye i be umnikelo wezono; ngapandhle kotyiswayo omayo njalo, nowokudhla, nowokupuza.
29Na ngosuku lwesitupa izinkabi ezi isishiyagalombili, izinqama ezimbili, namacwane a ishumi nane, amnyaka munye, a nge nabala.
30Nowokudhla nowokupuza wezinkabi, nowezinqama, nowamacwane, u ya kuba njengobuningi bazo, ngokuma kwazo.
31Nembuzi inye yomnikelo wesono ngapandhle kwawo otyiswayo omayo njalo, owokudhla, nowokupuza.
32Na ngosuku lwesikombisa izinkabi ezi isikombisa, izinqama ezimbili, namacwane a ishumi nane amnyaka munye a nge nabala;
33Nowokudhla, nowokupuza, wezinkabi, nezinqama, namacwane, u ya kuba njengobuningi bazo, ngokuma kwazo:
34Nembuzi inye i be owezono; ngapandhle kwawo otyiswayo, omayo njalo, nowokudhla nowokupuza.
35Ngosuku lwesishiyagalombili ni ya kuba nomhlangano o ingcwele: ni nga sebenzi okwemihla ngalo:
36Kodwa ni nikele umnikelo otyisiweyo, umhlatyelo womlilo, wepunga elimnandi kuJehova; inkabi nenqama, namacwane a isikombisa amnyaka munye, a nge nabala.
37Umnikelo wako wokudhla nowokupuza wenkabi, nenqama, nowamacwane, u ya kuba njengobuningi bazo, ngokuma kwazo:
38Nembuzi i be owezono; ngapandhle kotyiswayo omayo njalo, nowokudhla nowokupuza.
39Loku ni ya kukwenzela uJehova ekudhleni kwenu okumisiweyo, ngapandhle kwezifungo zenu, nezipo zenu zenhliziyo, nezityiswayo, nezokudhla, nezokupuza, nezokutula.
40uMosi wa ba tyela abakwa Israeli ngako konke a yalezwe ngako uJehova.