1UJEHOVA wa tyo kuMosi ukuti,
2Kuluma kuba Israeli u ti kubo, uma owesilisa noma owesifazana e zahlukanisa, a funge isifungo somNazareti a zimisele uJehova,
3A ka zahlukanise newaini, notywala obubukali, a nga puzi ubumuncu bewaini nobumuncu botywala, a nga puzi amanzi ezinhlamvu zevini a nga dhli izinhlamvu zevini ezimanzi nezomileyo.
4Zonke izinsuku zoku zahlukanisa kwake, a ka yi kudhla luto olwenziwe ngevini noma izinhlamvu noma amakasi.
5Izinsuku zonke zesifungo sokuzahlukanisa, a nga puculi ikanda lake ku ze ku pelele lezo zinsuku zokuzahlukanisela kwake ku Jehova, u ya kuba ngcwele, a yeke isihlutu sezinwele zekanda lake si kule.
6Ngezinsuku zonke zokuzahlukanisela kwake kuJehova a ka nga hlangani nesidumbu sofileyo.
7A nga zingcolisi ngoyise, na ngonina, na ngomfo wabo, na ngodade wabo ekufeni kwabo, ngokuba ukuzahlukanisela uTixo ku pezu kwekanda lake.
8Ngezinsuku zonke zokuzahlukanisela kwake u ngcwele ku Jehova.
9Uma umuntu e zumeka, a fe eduze naye, nekanda lake lokuzahlukanisa kwake li ngcole, u ya kupucula ikanda lake ngomhla wokuzihlanza kwake, ngosuku lwesikombisa u ya kulipucula.
10Ngosuku lwesishiyagalombili a lete amavukutu amabili noma amahobe amabili kumpristi emnyango wetabanekele lenhlangano;
11Umpristi a nikele elinye li be umnikelo wesono, nelinye li be umnikelo wokutya, a m hlaulele ngokuba wonile ngofileyo, a hlukanise ikanda lake ngalololusuku;
12Wo zimisela uJehova izinsuku zokuzahlukanisa kwake a lete icwane eli se nomnyaka, li be umnikelo wokona, kodwa izinsuku za nga pambili zi ya kulahlwa; ngokuba ukuzahlukanisa kwake kwa ngcoliswa.
13Lo u umteto womNazareti lapo izinsuku zokuzahlukanisa kwake se zi pelele u ya kuletwa emnyango wetabanekele lenhlangano.
14U ya kunikela umnikelo wake ku Jehova, icwane, eli nomnyaka eli nge nacala, li be umnikelo wokutya, nelensikazi eli nonyaka, eli nge nacala li be umnikelo wesono, nenqama e nge nacala i be umnikelo wokutula.
15Nembenge yesinkwa esi nge namvubelo, nezinkwana zempupu enhle exutywe namafuta, nezinkwanyana ezi nge namvubelo zi gcotywe ngamafuta, nomnikelo wokudhla nowokupuza.
16Umpristi u ya kuyileta pambi kuka Jehova, a nikele umnikelo wake wesono nomnikelo wake wokutya.
17A nikele inqama i be umnikelo wokutula kuJehova, kanye nembenge yesinkwa esi nge namvubelo: futi umpristi u ya ku nikela umnikelo wake wokudhla nomnikelo wake wokupuza.
18UmNazareti u yu kupucula ikanda lake lokuzahlukanisa kwake emnyango wetabanekele lenhlangano, a tate izinwele zekanda lake lokuzahlukanisa kwake a zi fake emlilweni o nga pansi komnikelo ohlatyelwe ukutula.
19Umpristi u ya kutata umkono opekiweyo wenqama nesikwana esi nge nambiliso si be sinye embengeni, nesinkwanyana esi nge namvubelo, a ku beke ezandhleni zomNazareti emva kokupucula izinwele zokuzahlukanisa kwake.
20Umpristi a ku zulise ku be umnikelo wokuzuliswa pambi kuka Jehova, loku ku ngcwele o kompristi kanye nesifuba nomkono wokuzuliswa, emva kwa loku umNazareti a nga puza iwaini.
21Lo u umteto womNazareti o fungileyo nowomnikelo wokuzahlukanisela kuJehova, ngapandhle kwa loko isandhla sake e si ya ku zuza; njengesifungo a si fungayo a kenze njengomteto wokuzahlukanisa kwake.
22uJehova wa kuluma ku Mosi, e ti,
23Yityo kuAroni na kumadodana ake u ti, Ni ya kubusisa abaka Israeli kanye ngokuti kubo,
24uJehova a ku busise, a ku gcine,
25uJehova a ka kanyise ubuso bake pezu kwako, a be nomusa kuwe.
26uJehova a ka pakamise ubuso bake pezu kwako, a ku nike ukutula.
27Ba ya kubeka igama lami pezu kwaba kwa Israeli ngi ya ku ba busisa.