1UMA ku kona ukutokoza kuye uKristu, uma ku kona ukududuzeka ngokutanda, uma ku kona ukuhlangana kuka Moya, uma ku kona ububele nomusa,
2Nenze ukujabula kwami, ku pelele, ni ze ni be nokuqonda kunye, ni nomoya munye; ni nenhliziyonye;
3Ni ngenzi luto ngenkani na ngokuziqenya; kepa ngokutobeka a ku be ilowo a tyaye sengati bahle abanye ku naye.
4A ku be ilowo a nga bheki okwake, kepa a bheke okwabanye.
5A ni be nokuqonda loko a e nako uKristu Jesu.
6Yena, o nokuma kuka Tixo, ka tyongo ukuti, ku ukupanga ukulingana noTixo;
7Kodwa wa zambula, wa tabata ukuma komfokazana, wa fana nabantu.
8Wa ti e sa fuza abantu, wa zitobisa, e lalela kwa za kwa ba sekufeni, na sekufeni kwesipambano.
9Ngaloko uTixo wa m pakamisa kakulu; wa m nika igama elikulu ku namagama onke;
10Ku ze ku ti ngegama lika Jesu amadolo onke a guqe, awaba sezulwini, na waba semhlabeni nawaba pansi komhlaba,
11Zi vume izilimi zonke, zi ti, uJesu Kristu u iNkosi, a dunyiswe uTixo uYise:
12Ngakoke, batandekayo bami, loku ni lalele ngezikati zonke, a ngi tyo nxa ngi kona kini kodwa, kepa kakulu na manje nanxa ngi nge ko, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba na ngokututumela.
13Ngokuba u uTixo o ni nika inhliziyo yokutanda nokwenza, njengokubona kwake.
14Yenzani konke ni nga soli, ni nga pikisani;
15Ukuze ni nga soleki, ni be mhlope, ni be abantwana baka Tixo aba nge nacala esizukulwaneni esibi esonakeleyo eni kanya kuso, njengezinkanyiso zi kanya emhlabeni.
16Ni li bambe izwi lokupila, ngi ze ngi be nokubonga ngosuku luka Kristu, ngokuba ngi nga gijimanga ngeze, ngi nga sebenzanga ngeze.
17Yebo, nokuba ngi nikelwa emhlatyelweni na senkonzweni yokukolwa kwenu, ngi ya jabula, ngi jabula kanye nani nonke.
18Ngako loku jabulani nani, ni jabule kanye nami.
19Kepa ngi yetemba kuJesu iNkosi ukutuma uTimote a ye kini masinyane, ukuze ngi tokoze nami, nxa ngi zwa izindaba za kini.
20A ngi namuntu o nenhliziyo e njengeyake, o za kunakekela okwenu ngesiminya.
21Ngokuba bonke ba funa okwabo, a ba funi okuka Jesu Kristu.
22Kepa ni yazi ukulunga kwake, ukuti, u konzile kanye nami evangelini, njengomntwana e konza noyise.
23Ngako ngi yetemba ukumtuma yena, lapo se ngi bonile okwami;
24Kodwa ngi yetemba eNkosini ngi ti, nami ngi ya kuza masinyane.
25Kepake be ngi ti, ku fanele ngi tume kini uEpafroditu, umzalwane, o isisebenzi nebuto kanye nami, kodwa o isigijimi senu, owa ngi konzayo ekusweleni kwami;
26Loku wa e ni fisa nina nonke, e dabukile ngokuba nezwa ku tiwa, u be gula.
27Wa e gula isibili, e sekufeni, kepa uTixo wa m haukela; a si yena yedwa a m haukelayo; wa ngi haukela nami, ngi nga bi nosizi pezu kosizi.
28Ngaloku ngi tyetyile ukumtuma, ukuba ni buye ni tokoze, nxa ni m bonile, nami ngi nga bi nalusizi.
29Ngakoke m amkeleni eNkosini ngokujabula konke; abanjalo ni ba patisa okwabatandekayo;
30Ngokuba ngenxa yomsebenzi ka Kristu wa citya wa fa, e zinikela yena, ukuze enezele ukungikonza kwenu okuseleyo.