1INHLIZIYO yenkosi i sesandhleni sika Jehova, njengemifula yamanzi; u ya yi pendula lapo e tandayo.
2Zonke izindhlela zomuntu zi lungile emehlweni ake, kepa uJehova u ya zi linganisa izinhliziyo.
3Ukwenza okuqinisileyo nokwahlula ku ya tandeka kuJehova ku nomnikelo.
4Ukupakama kwamehlo, nokuzidhla kwenhliziyo, nokukanya kwababi, ku isono.
5Amacebo okutalayo a ngasekwandeni; kepa amacebo abo bonke aba tyetyayo, a ngasebumpofwini.
6Ku kona ukuzuza imfuyo ngolimi lwamanga, abanjalo ba umoya o hanjiswayo aba funa ukufa.
7Ukupanga kwababi ku ya ku ba cita; ngokuba ba ya nqaba ukwenza ukulunga.
8Opambukileyo endhleleni u ngumuntu o necala; kepa ohlanzekileyo u ya qonda ukwenza kwake.
9Ku lungile ukuhlala egumbini pezu kwendhlu, ku nokuhlala nomfazi wenkani endhlini e hlanganyelweyo.
10Umpefumlo wababi u funa okubi; umhlobo wake a ka yi ku funyana umusa emehlweni ake.
11Ngokutyaywa komhleki, o ngenakuhlakanipa wo hlakanipiswa; na ngokufundisa kohlakanipayo, wo fumana ukwazi.
12O lungileyo u ya qonda indhlu yomubi uTixo u ya ku wisa ababi ebubini.
13O vimba izindhlebe zake, ekukaleni kombunce, wo kala naye, kepa a ka yi ku zwiwa.
14Isipo ekufihlekeni si ya tambisa ulaka; nomvuzo esifubeni ukutukutela okukulu.
15Ku injabulo kolungileyo ukwenza ukulunga; kodwa ukuciteka ko ba kubo aba sebenza okubi.
16Umuntu o duka endhleleni yokuqonda, wo hlala enhlanganweni yamatongo.
17O tanda ukwenama, wo ba umuntu ompofu; O tandayo iwaini namafuta, a ka yi ku ceba.
18Omubi wo ba isizi ngenxa yolungileyo, nokohlisayo esikundhleni sabaqoto.
19Ku lungile ukuhlala ehlane, ku nokuhlala nomfazi o nenkani otetayo.
20Ku kona imfuyo efisekayo, namafuta endhlini yohlakanipileyo; kepa o isiula u ya yi cita.
21O landa ukulunga nomusa wo tola ukupila, nenhlandhla, nodumo.
22O hlakanipileyo u yenyukela emuzini wamaqawe, u wisa pansi itemba lawo eli namandhla.
23O linda umlomo wake nolimi, u ya gcina umpefumlo wake kuzo izinkatazo.
24Okukumalayo e zidhla, umhleki u igama lake, u yenza ngokukumala kokuzidhla.
25Ukukanuka kwevila ku ya li cita; ngokuba izandhla zalo zi ya nqaba ukusebenza.
26U ya fisa nokufisa imini yonke; kodwa olungileyo wo nika, e nga ncityani.
27Umnikelo wababi u into ezondekayo; kakulu kangakanana lapo e wu zisa ekwenakaleni.
28Ufakazi wamanga wo buba; kanti umuntu ozwayo iqiniso wo kuluma ku ze ku be sekupeleni,
29Umuntu omubi u ya benza ubuso bake bu be lukuni, kepake olungileyo wo zi qondisa izindhlela zake.
30A kuko ukwazi, a kuko nokuqonda, a kuko nacebo, ngapambi kuka Jehova.
31Ihashi li ya lungiselwa usuku lokulwa; kepake ukusindiswa ku kuJehova.