1IGAMA elihle, li ya keteka ku nengcebo enkulu, nomusa ku nesiliva negolide.
2Abacebileyo nabampofu ba hlangana; uJehova u ngumenzi wabo bonke.
3O xwayayo u ya bona okubi, a bace; kepake aba iziula ba dhlula nje, ba tola ingozi.
4Ngenxa yokutoba okukuti ukumesaba uJehova, ku kona ingcebo, nodumo, nokupila.
5Ku kona ameva nemigibe endhleleni yabadukayo; kanti o linda umpefumlo wake wo deda kuko.
6Luleka umntwana ngokwendhlela yake; ko ti e semdala a ka yi ku pambuka kuyo.
7Isicebi so busa pezu kwabampofu, naye o tyelekwayo wo ba inceku kumuntu o m tyelekayo.
8O hlwanyela ukonakala wo vuna okubi, i ti i pele intonga yolaka lwake.
9O neso eli nobubele wo busiswa; ngokuba u ya ba pa abampofu o kwesinkwa sake.
10Xotya isideleli, ko deda nenkani; yebo, ko pela ukupika inkani nehlazo.
11O tanda ubumhlope benhliziyo, o nomusa ezindebeni zake inkosi i isihlobo sake.
12Amehlo ka Jehova a ya gcina ukwazi, kepa u ya cita izindaba zomoni.
13Li ti ivila, Ku kona ingonyama ngapanhle, ngo bulawa ezindhleleni.
14Umlomo wesipingi u umgodi ojulileyo; o nengwa uJehova u ya kuwela kona.
15Ubuula bu botyiwe enhliziyweni yomntwana; uswazi lokululeka lo bu xotyela kude kuye.
16O hlupa ompofu ukuba andise imfuyo yake, u ya m nika ocebileyo, a ze a fike ekusweleni.
17Nika indhlebe yako, u zwe amazwi abahlakanipileyo, u beke nenhliziyo ekwazini kwami.
18Ngokuba kuhle uma u wa londa embilini wako; uma a ya bekwa ezindebeni zako.
19Ukuze itemba lako li be kuye uJehova, ngi kwazisile wona namuhla, wena pela.
20A ngi ku lobelanga kuqala ngokululeka nangokwazi na?
21Ukuze ngi kwazise iqiniso lamazwi a nga pikwayo; ukuba u ba pendulele bona aba ku tumileyo amazwi a qinisileyo.
22U nga m pangi ompofu ngokuba empofu; u nga m hlupi nomdingi esangweni.
23Ngokuba uJehova wo ba vikela; a bapuce bona aba ba panga ngompefumlo wabo.
24U nga hlangani nomuntu o nolaka; u nga hambi nomuntu o isijaka.
25Funa u zi funde izindhlela zake, u tabate umgibe wompefumlo wako.
26U nga bi owabo aba bambana izandhla, naba mela amacala.
27Nxa u nge nanto ukukoka, yini ukuba a suse ukuko lwako ngapansi kwako na?
28U nga susi umkaulo omdala, okoko aba wu misileyo.
29U ya m bona umuntu e hlakanipile emisebenzini yake na? U ya kuma pambi kwamakosi; e ngemi pambi kwabafokozana nje.