1NDODANA yami, gcina amazwi ami, u yi kweze imiyalo yami kuwe.
2Gcina imiyalo yami, wo pila; umteto wami ma u be njengenhlamvu yeso lako.
3Ku bope eminweni yako, ku lobe enhliziyweni yako.
4Yityo ekuhlakanipeni, wena u ngudade wetu; u bize ukwazisisa ngokuti, umhlobo.
5Ukuze u gcinywe kuye umfazi o isipingi, na kuso isifebe esi namazwi epehlwa.
6Ngokuba entubeni yendhlu yami nga buka pakati kohlaka lwami.
7Ngi ze ngi bheke pakati kwaba iziula; nga bona pakati kwabatya insizwa e nge nangqondo.
8E dhlula endhleleni eduze negumbi laso, ya zihambela ngendhlela yendhlu yaso,
9Ngokuswelela kusihlwa, pakati kobusuku nobumnyama.
10Kwa ti kwa hlangana naye umfazi o mbete okwesifebe, e nobuqile ngenhliziyo.
11U nomsindo, u nokudelela, izinyawo zake a zi hlali endhlini yake.
12Manje u ngapandhle, nangu futi se e sezindhleleni, u lalela ngasemagumbini onke.
13Wa ti wa yi bamba, wa yanga; wa qinisa ubuso bake, wa ti kuyo.
14Iminikelo yokubonga i kimi, namuhla ngi qedile izibambiso zami.
15Ngaloku ngi pumele ukukuhlangabeza, ukufunisisa ubuso bako, se ngi ku funyene.
16Ngendhlele umbede wami ngezingubo, zi balwe ngentambo ya sEgipite.
17Ngi fafazile umbede wami ngemure, nangenhlaba, nangekinamone.
18Wozake ma si sute utando ku ze ku se, si jabule otandweni.
19Ngokuba indoda ayiko ekaya, i hambile kude.
20Isikwama semali ya si tabata esandhleni sayo, ekutwaseni kwenyanga yo buyela ekaya.
21Wa yi pambukisa ngobuningi bamazwi epehlwa, ngokuteleza kwezindebe zake wa yi qubela.
22I ya m landela masinyane njengenkomo i za ekuhlatyweni, njengaye o sezibopweni zezinyawo, e ya ekuhlutyweni kweziula.
23Ku ze umsebe u hlabe isibindi sayo, njengenyoni i tyetyele esihibeni, i ngazi ukuba si bekelwe ukupila kwayo.
24Kaloku bantwana ngi zweni, ni lalele amazwi omlomo wami.
25Inhliziyo yako ma i nga pambukeli ezindhleleni zake, u nga hambi emikondweni yake.
26Ngokuba abaningi ababuleweyo u ba wisile; futi aba namandhla bonke aba hlatyiwe uye.
27Indhlu yake i yindhlela e ya esheoli, eukela ezigodini zokufa.