1NGI ya m tanda uJehova, ngokuba u zwile izwi lokuncenga kwami.
2Ngokuba u ngi pendulele indhlebe yake; ngako ngo m biza ezinsukwini zonke zami.
3Izintambo zokufa za ngi zungeza, nemicingo yesheoli ya ngi fumanisa; nga fumana inhlupeko nokudabuka.
4Lapo nga biza igama lika Jehova; ngati, Au, Jehova, ngi ya ku ncenga sindisa umpefumulo wami.
5U nomusa uJehova, u lungile; uTixo wetu u ngohaukelayo.
6uJehova u ya londa abantulayo; nga katazeka, weza wa ngi sindisa.
7Mpefumlo wami, buyela ekupumuleni kwako; ngokuba uJehova u ku sizile.
8Ngokuba wena u sindisile umpefumlo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.
9Ngo hamba ebusweni buka Jehova ezweni labahleziyo.
10Be ngi kolwa, ngako nga kuluma; be ngi hlupeka kakulu;
11Nga ti ekwetukeni kwami, bonke abantu ba namanga.
12Ngi ya ku buyiselani kuJehova, ngako konke ukwenza kwake okuhle kimi na?
13Ngo pata umkele wokusindisa, ngi bize igama lika Jehova.
14Ngo koka izifungo zami manje pambi kwabo bonke abantu bake.
15Ku yigugu emehlweni ka Jehova ukufa kwabalungileyo.
16Au Jehova, ngi inceku yako impela; ngi inceku yako, ngi indodana yencekukazi yako; u kululile izibopo zami.
17Ngo nikela kuwe umnikelo wokubonga, ngi bize igama lika Jehova.
18Ngo koka izifungo zami manje pambi kwabo bonke abantu bake.
19Emagumbini endhlu ka Jehova, pakati kwako, Jerusalema. Dumisani uJehova.