IZIHLABELELO 5
Kumholi wokuhlabelela ngemityingo; Isihlabelelo sika Davida.
1YIZWANI amazwi ami, Jehova, u qonde ukukala kwami;
2U lalele kulo izwi lokuncenga kwami, Nkosi yami, Tixo wami; ngokuba ngo tandaza kuwe.
3Jehova, u ya kulizwa izwi lami kusasa; kusasa ngi ya kulanda kuwe, ngi linde.
4Ngokuba wena a u siye uTixo o tanda okubi; omubi a ka yi ku hlala kuwe.
5Abazidumisayo a ba yi ku ma pambi kwamehlo ako, u ba zonda bonke abenza okubi.
6U ya kubabubisa aba kuluma amanga; uJehova u ya dinwa umuntu wegazi nenkohliso.
7Kepa mina ngi ya kungena endhlini yako ekuvameni komusa wako; ngi kotame ngoku ku hlonipa etempeleni lako eli ingcwele.
8Jehova, ngi hole ngokulunga kwako ngazo izita zami; u lungise indhlela yako ebusweni bami.
9Ngokuba akuko okuqinisileyo emlonyeni wabo; imbilini yabo i ukonakalisa; umpimbo wabo u ituna eli vulekileyo; ba ya tyelela ngolimi lwabo.
10Ba lahle Tixo; ma ba we ngokuqondisa kwabo; ba kapeze ngobuningi bezipambeko zabo; ngokuba ba hlubukile kuwe.
11Kepa ma ba jabule bonke a ba temba kuwe; ma ba memeze ngenjabulo njalo, ngokuba wena u ya ba sibekela; ma betabe kuwe bona a ba tanda igama lako.
12Ngokuba wena, Jehova, wo busisa olungileyo; wo m hlobisa ngomusa njengesihlangu.
Bible Society of South Africa 1893