IZIHLABELELO 6
Kumholi wokuhlabelela ngogubu pezu kwesishiyagalobili; Isihlabelelo sika Davida.
1JEHOVA, ma u nga ngi lungisi ngolaka lwako, u nga ngi tyayi ngokuvuta kwentukutelo yako.
2Yiba nomsa kimi, Jehova; ngokuba ngi dangele; ngi lulamise, Jehova, ngokuba amatambo ami a ya tutumela.
3Nawo umpefumlo wami u ya tutumela kakulu; kepa wena, Jehova, wo libala ku ze ku be nini na?
4Buya, Jehova, u kulule umpefumlo wami; u ngi sindise ngawo umusa wako.
5Ngokuba akuko ukukumbula wena ekufeni; eSheoli ubani o ya kukubonga na?
6Ngi katele ngokububula kwami; ngi ntantisa ukuko lwami ubusuku bonke; ngi manzisa umbedi wami ngezinyembezi zami.
7Iso lami li ya zaca ngokukatazeka; li ya guga ngazo zonke izita zami.
8Dedani kimi nina nonke e nenza okubi; ngokuba uJehova u zwile izwi lokulila kwami.
9uJehova u zwile ukubelesela kwami; uJehova u ya kwamkela ukutandaza kwami.
Bible Society of South Africa 1893