IZIHLABELELO 53
Kumholi wokuhlabelela ogubwini. Isiqondiso nguDavida.
1ISIULA si ti enhliziyweni yaso, Amuko uTixo Bonakalisile, benzile okubi okunengekayo; amuko o wenza okulungileyo.
2uTixo wa buka e sezulwini pezu kwamadodana abantu ukubona uma e kona oqondayo e m funa uTixo.
3Ba dukile bonke; ba ncolile kanye; akako o wenza okulungileyo akako noyedwa.
4A bazi yini abasebenzi bokubi? a ba dhla abantu bami njenga loku ba si dhla isinkwa, be nga kuleki kuTixo.
5Lapo besaba ngokwesaba nokuba kwa ku nge ko okusabekayo; ngokuba uTixo u hlakazile amatambo ake o ku vimbelayo; wena u ba jabisile, ngokuba uTixo u ba delile.
6Ubani o wo nika ukusindisa kuIsraeli ku vele eZioni na? Uma uTixo e buyisa ukutunjwa kwabantu bake uJakobe u ya kwetaba, a jabule uIsraeli.
Bible Society of South Africa 1893