IZIHLABELELO 54
Kumholi wokuhlabelela pezu kwogubu. Isiqondiso nguDavida lapo amaZifi e za a ti kuSauli, uDavida a ka zifihlile kiti na?
1NGI sindise Tixo ngegama lako ngahlulele ngobuqawe bako.
2Tixo, yizwa umtandazo wami, u nikele indhlebe emazwini omlomo wami.
3Ngokuba abafo ba ngi vukele, abanolaka ba ya funa umpefumlo wami, a ba bekanga uTixo pambi kwabo. Sela.
4Bheka uTixo u ngosizayo kimi; iNkosi i kubo abapasayo umpefumlo wami.
5Yo buyisela okubi kuzo izita zami; ma u zi nqume eqinisweni lako.
6Ngi ya kunikela kuwe umnikelo ngokuvuma; ngo bonga igama lako Jehova, ngokuba ku lungile.
7Ngokuba u ngi kululile ekuhlutyweni konke; futi iso lami li bhekile eziteni zami.
Bible Society of South Africa 1893