Igama, Isihlabelelo kuwo amadodana ka Kora; kumholi wokuhlabelela ngesifo sokuhlupeka. Isiqondiso sika Hemani umEzahi.
1JEHOVA Tixo wokusindiswa kwami, ngi kalile emini na sebusuku pambi kwako;
2Umtandazo wami ma u ze pambi kwako, u bekise indhlebe yako kuko ukukala kwami.
3Ngokuba umpefumlo wami u gcwele izinkatazo, ubomi bami bu finyelele esheoli.
4Ngi baliwe kanye nabo aba tyona emgodini; ngi njengomuntu o nge namandhla.
5Ngi ngokululiweyo pakati kwabafileyo, njengabahlatyiweyo abaleleyo etuneni, o nga sa kumbuli bona; futi ba nqanyuliwe njengesandhla.
6U ngi bekile emgodini ongezansi, ezindaweni ezimnyama, ezindaweni ezijulileyo.
7Ukuvuta kolaka lwako ku ya sinda pezu kwami; u ngahlulile ngawo onke amaza ako. Sela.
8U ba hlukanisile nami engibaziyo; u ngenze ngi be ukunengeka kubona, ngi ngovalelweyo, ngi nge pume.
9Iso lami li ya zaca ngenxa yenhlupeko yami; ngi ku bizile Jehova ngemihla yonke, ngi zelulele izandhla zami kuwe.
10Po u ya kwenza umangaliso kubo abafileyo na? izitunzi zo vuka zi ku bonge na? Sela.
11Umusa wako wo shunyayelwa etuneni? nokukoleka kwako endaweni yokubujiswa na?
12Okumangalisayo kwako ku ya kwaziwa ebumnyameni? nokulunga kwako ezweni lokukohlwa na?
13Kepa ngi kalile kuwe, Jehova; na sekuseni ukutandaza kwami ko fika pambi kwako.
14Jehova, ku ngani ukuba u delele umpefumlo wami, yini ukuba u site ubuso bako kimi?
15Ngi ohlupekayo, ogqabukayo kwasebutyeni bami; ngi twalile amavuso ako, se ngi katazekile.
16Intukutelo yako etyisayo i dhlulele pezu kwami; ukwetusa kwako ku ngi nqumile.
17Ba ngi zungeza njengamanzi imihla yonke; ba ngi haqa kanyekanye.
18E ngi m tandayo nomgane wami; u ba hlukanisile kude nami; ne ngi baziyo ebumnyameni.